UMQEQESHI waMaZulu FC, uVusumuzi “Kanu” Vilakazi, ufuna bawunqobe kumnyama kubomvu umdlalo wasekuhambeni abayowudlala neMagesi FC ukuze babuyele emgqigqweni.
AmaZulu ashayelwe ekhaya yiSekhukhune United ngo 2-0 emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithahu ebusuku, azobhekana neMagesi FC, e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, namuhla ngo-3.30 ntambama.
AmaZulu abhala ecisha muva nje, ukushaywa kwawo yiSekhukhune ngoLwesithathu kuveze obala ukuthi abaqeqeshi baleli qembu nabadlali basemuva kusazofanele basebenze kanzima ukulungisa amaphutha okudedela amagoli ngemizuzu yokugcina emidlalweni.
Igoli lokuqala leSekhukhune lingene ngomzuzu ka-45 okungumzuzu wokugcina ngaphambi kokuba kuyiwe ekhefini, kanjalo nelesibili elivalelwe phakathi nguLinda Mntambo, nalo lingene ngomzuzu wokugcina wokuphela komdlalo okungumzuzu ka-90.
“Asidlalanga kahle, kumele silikhulume iqiniso, kodwa kufanele sikudlulise ngokushesha ukwehlulwa kwethu sibheke umdlalo olandelayo esiyowudlala.
“Kulo mdlalo esiyowudlala neMagesi FC, kufanele nakanjani sibuye nawo amaphuzu amathathu.
“Sizolwa ngayo yonke indlela, ngoba sidinga ukwenyuka sihlale endaweni ephezulu kwi-log,” kusho uVilakazi, ophinde wakhala ngesifo esihlasele abadlali bakhe basemuva sokudedela amagoli ngemizuzu yokugcina.
“Bese sizitshelile ukuthi sizoya ekhefini kungiu 0-0, kodwa sangenelwa yigoli sekuyophela isiwombe sokuqala.
“Negoli lesibili nalo futhi lingene ngemizuzu yokugcina, okuyinto okudala ngiyikhuluma futhi engingasathandi ukukhuluma ngayo manje ngoba ivele yenzeke. Le yokuthi singenelwe ngamagoli ngemizuzu yokugcina yesikhati esibaluleke kakhulu emdlalweni,” kuqhuba lo mqeqeshi, obekuzwakala ukuthi unengiwe.
UVilakazi, oqeqesha ngokubambisana no-Arthur Zwane oSuthwini, usho kanjena nangenkathi leli qembu liguqiswa yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 kowePremiership ngoDisemba 24, eMoses Mabhida Stadium, wakhala esifanayo.
Nakulowo mdlalo igoli leSundowns eyanqoba ngalo langena ngomzuzu wokugcina ka-90 wokuphela komdlalo, lishaywa ngu-Iqraam Rayners.
USuthu njengamanje oluhlezi endaweni ka-12 kwi-log yePremiership, luzobhekana neMagesi esemsileni kwi-log, nesiphenduke ukudla kwenduku emidlalweni yeligi kusukela yanqoba indebe yeCarling Black Label Knockout ngoNovemba ngokuguqisa iSundowns kowamanqamu.
Nokho, kubhekwe ngabomvu ukuthi leli qembu laseLimpopo elisanda kuqasha u-Owen Da Gama njengomqeqeshi nozobe ehlezi okwesibili ebhentshini emdlalweni wanamuhla, lingakwazi yini ukuqeda ishobolo lokunganqob kusukela ngoNovemba ngoSuthu.