UMQEQESHI weCape Town City, u-Eric Tinkler, akafuni abadlali bakhe balalele okushiwo ngefomu yeKaizer Chiefs ngoba lokhu kungaba isiqalo sokungena kwamanzi endlini.
ICity izokwamukela Amakhosi okungacaci ngendlela ayithatha ngaphansi kwesandla sikaCavin Johnson, obanjiswe umsebenzi kuze kuphele isizini.
Umdlalo ungoMgqibelo ngo-3 ntambama e-Athlone Stadium, eKapa.
Amakhosi asendaweni yesikhombisa kwi-log kwazise asanqobe kanye emidlalweni yawo yeligi emihlanu edlule okwenza abaningi bawubone ulula lo mdlalo, ngokusho kukaTinkler.
Iqembu lakhe alikho efomini engcono kangako kweleChiefs ngoba kwemibili edlule likhale ngaphansi kanti nalo lisanqobe kanye kweyisikhombisa yeligi edlule.
UTinkler, osakubhekile ukuqeda endaweni yesibili kwi-log, uxwayise abadlali bakhe ngobungozi bokulalela okushiwo kwabezindaba ngakubiza ngehaba lezinkinga okuthiwa zikhungeze iChiefs.
Ngenxa yokulahla amaphuzu, iCity seyehlele endaweni yesihlanu kwi-log ngamaphuzu awu-31 emidlalweni ewu-20.
“Okungcono ukuthi asikho kangako isidingo sokucija abadlali ngoba sibhekene nelinye lamaqembu athathwa njengamakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika,” kusho uTinkler kwabezindaba eKapa izolo.
“Ifomu esikuyona kulezi zinsuku iyasiphoqa ukuba sinqobe kodwa lokhu akusho ukuthi sizozigwazela ibhece kwiChiefs. Ngisho ngabe kuthiwani ngeChiefs kwabezindaba, ungayizeli ngobuso ngoba iyaphaphamisana uma uyibhayizela.
“IChiefs inabagadli abanejubane elithusayo okuyinto abayisebenzisa bangabi nankinga ngakho-ke kumqoka ukuya kulo mdlalo siwavule wonke amehlo,” kuqhuba yena.
Yize iChiefs iya kulo mdlalo ngaphandle kukaYusuf Maart no-Edson Castillo ngenxa yezigwebo zamakhadi kodwa uTinkler ubadonse ngendlebe abadlali bakhe.
“Iphutha abadlali bami abangalenza ukulalela okushiwo kwabezindaba ngeChiefs bese beya kulo mdlalo ngalowo mqondo.
“Siyawadinga amaphuzu ngoba sizibona njengeqembu okufanele liqede kwiTop 8 minyaka yonke. Ngenhlanhla sisekhona nasembangweni wokudlala iCaf Champions League ngesizini ezayo ngoba esibanga nabo bakhethe ukusilinda.
“Okokuqala okufanele sikwenze ukufika emaphuzwini angu-40 kodwa konke kuqala ngomdlalo weChiefs engingangabazi ukuthi singawunqoba yize uzobe unzima,” kuphetha uTinkler.
Nakuba umdlali weCity, uDarwin Gonzalez, esebuyile ekulimaleni kodwa uThabiso Kutumela noMarc van Heerden kubanjwe umoya ngabo ngenxa yokulimala.