ISIKHULU sebhola kuleli, uSinky Mnisi, esavumbulula uThemba “Mshishi” Zwane , sikholwa wukuthi isisukile inkungu kumqeqeshi weBafana Bafana ngokuthi kulo mdlali uphethe umshini ozishintshayo, ozokwazi ukubuyisa isithunzi seNingizimu Afrika.
Lokhu ukusho ngenxa yebhola elinenkosi phakathi elidlalwe yilesi sikhwishikhwishi seMamelodi Sundowns ngesikhathi iBafana ibhaxabula iNamibia ngo 4-0 emdlalweni we-Africa Cup of Nations (Afcon), e-Ivory Coast ngempelasonto edlule. UZwane (34), ushaye amagoli amabili kulo mdlalo kaGroup E.
Umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, ubenuka iqaqa kwabaningi ngokushiya ngaphandle uZwane, ezeseka ngokuthi usemdala. Nokho ngokuhamba kwesikhathi lugobile uphondo kuBroos, wamfaka lo mdlali waseTembisa esikwatini. Lo mqeqeshi uvumile ukuthi uZwane useyithemba lakhe kwi-Afcon njengoba elakuleli lizobhekana neTunisia namuhla ngo-7 ebusuku.
UMnisi wakhona eTembisa, ngomunye obehlale egxeka uBroos ngokushiya ngaphandle uZwane. Uvumbulule uZwane, wamdlalisa eqenjini lakhe iVardos kwi-ABC Motsepe League. Ngo-2011, wamdayisela iSundowns ngo R1million.Ngesizini ka-2013/2014, yambolekisa kwiMpumalanga Black Aces eyayicijwa ngumufi, uClive Barker. UZwane ubuyiswe kwiSundowns nguPitso Mosimane.
"Empeleni ngiyambongela uBroos ngokuthi asheshe alibone iphutha lokuziba uMshishi. Kulo mfana uphethe inxakanxaka yomshini. UMshishi usazomphendula intandokazi kubantu bakuleli. Wonke umuntu uyazibonela ukuthi ungumdlali wezinga eliphezulu nase-Afrika jikelele,“ kusho uMnisi.
"Esadlala kwiVardos wayethi uma esephethe ibhola ngisho ngedwa ngithi:" Waqala umcimbi, akudlalwe umculo". Uwumdlali okwaziyo ukubamba umgqigqo wakhe. Ngesikhathi engabizwa kwiBafana ngamtshela ukuthi akaqhubeke nokusebenza kanzima, siyeza isikhathi sakhe. Nangesikhathi ebolekiswa kwi-Aces ngamtshela ukuthi akangaphatheki kabi, uzobuyela kwiSundowns. Ngathi akaye kwi-Aces enze adume ngakho," kubeka uMnisi
Uqhube wathi ngokwakhe kuleli, uZwane kuphela osondele ezingeni likaDoctor " 16V" Khumalo owayegila izimanga kwiKaizer Chiefs nakwiBafana.
“Angifuni ukuzwakala kabi, akekho oyovala isikhala sikaMashobane (uDoctor). Nakuba kunjalo, uMshishi kuphela engimbona esondele kuye. Uma ibhola likubo kuyacaca,” kusho uMnisi.
KwiSundowns, uZwane usenqobe nayo inqwaba yezicoco kuhlanganisa ezeDStv Premieship amahlandla ayisishiyagalombili, Champions League, Caf Super Cup, African Football League (AFL) ukubala ezimbalwa.
UMnisi ubonge wanconcoza kwiSundowns nakumqeqeshi wayo uRhulani Mokwena ngokunakekela uZwane. Akamshiyanga umqeqeshi u-Ephraim " Shakes" Mashaba owanika uZwane ithuba kwiSundowns.
"Ngaleso sikhathi uMashaba wayeyinhloli yeSundowns. Ngangihlale ngimcela ukuthi banike uZwane ithuba. Kwathi langa linye wathi kimina " awuyilethe le mbuzi yakho siyibone". Ngikhumbula kahle ngangisahamba ngomhlobo omdala weMercedes-Benz. Akuphelanga sikhathi ngimshiye eChloorkop, ngezwa ngocingo iSundowns seyithi iyamsayinisa. Ngibonga kakhulu kuMashaba".