Spain (1) 1
England (0) 0
I-SPAIN inqobe iNdebe yoMhlaba yebhola yabesifazane okokuqala iguqisa i-England's ngo 1-0 kowamanqamu obanjelwe eStadium Australia eSydney, ngeSonto.
Igoli eliweze iSpain lishaywe ngu-Olga Carmona esiwombeni sokuqala.
Womabili la maqembu abeqala ngqa ukudlala kowamanqamu weFifa Women’s World Cup.
I-England ibihlose ukwengeza enye indebe ekhabetheni ngemuva kokunqoba isicoco se-UEFA Women's European Championship nyakenye.
Kulowo mqhudelwano yahlangana neSpain kuma-quarter-final, yanqoba ngo 2-1.
ILionesses iyinqobe yonke imidlalo yayo emithathu yamaqoqo.
Ku-Last 16 ishaye iNigeria ngo 4-2 sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokuthi umdlalo uphele ngo 0-0, kowandulela owamanqamu yashaya iColombia ngo 2-1.
ISpain ishaye iCosta Rica ngo 3-0 neZambia ngo 5-0 eqoqweni layo ngaphambi kokuthi ishaywe yiJapan ngo 4-0 emdlalweni wayo wokugcina kuGroup C.
Nokho iphinde yavuka yazithatha kwi-Last 16, ibhaxabula iSwitzerland ngo 5-1. Ibe isiguqisa iNetherlands ngo 2-1, yadlula kwiSweden ngendlela efanayo kowandulela owamanqamu.
Kowamanqamu kuyiwe ekhefini iSpain ihamba phambili ngo 1-0 kulandela umgundatshani weshodi obekwe enethini ngunyawo lukaCarmona ngomzuzu ka-29.
Bekufanele iqembu likaJorge Vilda lithole igoli lesibili maphakathi nesiwombe sesibili ngesikhathi lithola iphenathi kodwa kwasebenza unozinti we-England, uMary Earps eyivimba, kade ishaywe uJennifer Hermoso.
Nokho likwazile ukubambebela lagcina linqobile. Lo mphumela wenze iSpain yaba yizwe lesihlanu emhlabeni ukunqoba isicoco seNdebe yoMhlaba yebhola labesifazane, ilandela i-United States of America, Norway, Germany neJapan.