UMQEQESHI weRoyal AM, uJohn Maduka uchome abadlali abancane uphaphe lwegwalagwala, wazibophezela ekutheni uzokuqhubeka nokubanikeza ithuba emidlalweni elandelayo.
Phakathi kwabadlali ababhekile nguSanele Radebe, uSabelo Sithole, u-Ayanda Jiyane, noSphiwe Cele. Kulaba badlali nguJiyane othathe amehlo abantu abaningi ngenxa yobucayi bendawo ayidlalayo, esiswini.
Kepha uCele, ongumdlali wasesiswini odle ngokushoshela noJiyane odlala emuva emaphakathi nendawo, yibona abasakhombise izimpawu zokuthi bangagcina belizuzile ijezi.
UCele useshaye amagoli amabili emidlalweni emihlanu, okubalwa emithathu asayiqalile, uJiyane udlale kahle kwemibili yakamuva ayiqalile bebhekene neTS Galaxy neChippa United.
"Empeleni angiyena umqeqeshi othanda ukuncoma abadlali ngabodwana, kodwa iqiniso uJiyane noCele basakhombisile kuze kube manje, ukuthi kungani bekufanele ukunikwa ithuba esikimini esiqala umdlalo.
“Iqiniso wukuthi abadlali abasebancane kufanele banikwe ithuba inqobo nje uma bekhombisa ukuzimisela, ikakhulu laba abasebancane.
“Yebo, kulesi simo esibhekene naso njengamanje sokungakwazi ukusayinisa abadlali esibafunayo, kufanele sisebenze ngalabo esinabo futhi sikholelwe kubona ukuze balifele iqembu enkundleni," kuqhuba uMaduka.
Okunye okuhlabe mxhwele uMaduka, yindlela iqembu lakhe eselikhombisa ngayo ukungena emgqigqweni muva nje.
IRoyal, ibuyela ensimini yePremiership ngoSepthemba 16, ngokududulana neKaizer Chiefs, eFNB Stadium, eNasrec.
“Indlela abadlali bami abakhombise ngayo ukuzinikela emidlalweni yethu yokugcina ingihlabe umxhwele. Yangikhombisa ukuthi uma singakwazi ukubamba lo mgqigqo wethu wakamuva, singenza kangcono kakhulu emidlalweni yethu elandelayo," kubeka uMaduka.
IThwihli Thwahla izithola ikulesi simo sokungakwazi ukusayinisa abadlali nje, yingenxa yesigwebo esinikwe yiFifa ngaphambi kokuqala kwale sizini. Lokhu kudalwe ukulahlwa kwayo yicala lokuxosha uSamir Nurkovic, kwathiwa ayizange ibe nobulungiswa.
Nakuba udaba lweThwihli Thwahla neFifa lusesezithebeni, kodwa uNurkovic uzitholele ikhaya elisha ngemva kokusayiniswa yiTS Galaxy.