UBHOKELE abezindaba ngolaka umqeqeshi weFrance, uDidier Dischamps, emuva komdlalo wokuvula u-Group D weNdebe yoMhlaba ababhaxabule kuwona i-Australia ngo 4-1 ngoLwesibili ebusuku e-Al Janoub Stadium, eQatar.
Esikhundleni sokuzishaya isifuba ngokuqala ngonyawo oluhle emqhudelwaneni okuyibona abawuvikelayo, uDeschamps ukhombise ukunengeka ngesikhathi ebuzwa ngo-Oliver Giroud, oshaye amagoli amabili.
Amanye amagoli eFrance ashaywe u-Adrien Rabiot, elokuqala noKilyan Mbappe, oshaye elokugcina kulo mdlalo inkundla ebivulwe kuwona, uCraig Goodwin, we-Australia ngomzuzu wesishiyagalolunye.
UGiroud odlala kwi-AC Milan, e-Italy, uzibeke emlandweni ngokushaya kwakhe amagoli amabili kwazise useyalingana nenkakha yaseFrance, uThiery Henry, ngokushayela leli qembu lesizwe inethi. Babambene kwangu-51.
Akazange awuqede umdlalo uGiroud okulandelwe ukuthi abezindaba babuze kuDischamps ukuthi kungani emkhiphile ngoba lokhu kumphuce ithuba lokudlula uHenry?
“Yini ningibuze lokhu eningibuza khona, noma nifuna kube inina abaqeqeshi beFrance? UGiroud ngimdingela amagoli ngakho-ke bese engenzelile lokhu engimdingela kona. Kuningi okufanele ukucabange uma uwumqeqeshi,” kusho uDischamps esithangamini nabezindaba seFifa esiphanyekwe ekhasini lesiteshi sethelevishini sase-USA, i-NBC.
“Ezinsukwini ezine sizobe sidlala neDenmark. Sinethuba lokubheka izinto eziningi ngoba sibe nenhlanhla yokushaya amagoli amane emdlalweni wokuqala.
“Kubalulekile ukumphumuza umdlali ofana noGiroud kodwa futhi kumqoka ngendlela efanayo nokunika ithuba abadlali abangazange bawuqale umdlalo,” kusho lo mqeqeshi odle isicoco somhlaba esewukaputeni weFrance ngo-1998 waphinda wasiqukula naleli qembu lesizwe esengumqeqeshi, eRussia ngo-2018.
UGiroud (36) akagcinanga ngokufica uHenry ngamagoli kodwa ube umdlali wesibili omdala kunabo bonke ukushaya amagoli amabili emdlalweni owodwa weNdebe yoMhlaba.
Ulandela inkakha yaseCameroon, uRoger Milla eyakwenza lokhu ngo-1990 ineminyaka engu-38.