UMGADLI omusha waMaZulu FC, u-Elmo Kambindu, uyayiqonda inselelo abhekene nayo yokuzifaka ezinhliziyweni zabalandeli okungenzeka ukuba bayawangabaza amagalelo akhe njengomgadli ongenza umehluko kuleli qembu.
UKambindu (31) waseNamibia osayinwe ngeledlule esuka kwiChippa United, ukhulume okokuqala nabezindaba ngaphambi komdlalo waMaZulu neStellenbosch FC weBetway Premiership ozodlalelwa eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesine ngo-7.30 ebusuku.
“Kusho lukhulu kimina ukujoyina iqembu elinjengaMaZulu elinomlando nelidala eNingizimu Afrika. Kanti-ke futhi ngiyakuqonda ukuthi kuhlale kulindelwe lukhulu ikakhulukazi uma ungumgadli ujoyina iqembu elisha, ngakho ngiyakuqonda okulindeleke kimina,” kusho uKambinda odabuka e-Otjiwarongo, eNamibia.
“Ngikholwa wukuthi uma singadlala ngokubambisana njengeqembu kuningi esingakufeza. Nami nginesiqiniseko sokuthi ngingawashaya amagoli uma sidlala ngokubambisana nozakwethu.”
UKambindu ufike eNingizimu Afrika ezodlalela iChippa ngesizini ka-2022/2023, esuka kwi-CD Costa do Sol yaseMozambique. Uyishayele amagoli ayisihlanu emidlalweni engu-43, wakha amane. Ngesikhathi kuvela izindaba zokusayina kukaKambindu kuMaZulu, abalandeli bazwakalise ukungenami ngenxa yesibalo esincane samagoli. Lo mgadli unengcindezi yokushaya inethi Osuthwini kwazise ludonsa kanzima kule sizini kwazise aseshaye angu-12 emidlalweni angu-14.
“Yebo ukungabaza kubalandeli kuyohlala kukhona, ikakhulukazi uma bengakwazi kahle, yiqiniso lelo. Kodwa akukho okuningi engizokusho ngaphandle kokuthi ngizobakhombisa ngezenzo enkundleni ngokusebenza kwami ngokuzinikela nokushaya amagoli, ngaleyo ndlela-ke nalaba abangangazi bazongazi.”
UKambindu uzobanga ijezi nabanye abagadli okubalwa kubona u-Etiosa Ighodaro, Augustine Mulenga noBoniface Haba.
Ngokujoyina kwakhe Usuthu, uKambindu ujoyina umkhaya wakhe uRiaan Hanamub oyibamba emuva kwesokunxele.
Uvumile ukuthi kuyamkhuthaza ukubona abadlali abangomkhaya bakhe benza ezibukwayo kwiPremiership okubalwa kubona uDeon Hotto we-Orlando Pirates noPeter Shalulile weMamelodi Sundowns.
“Kuyangikhuthaza kakhulu nami ukubona abadlali abangomkhaya bami beshaya into ecokeme lapha eNingizimu Afrika. Noma ngingeke ngizifakele ingcindezi, kodwa nami ngiyafisa ukufinyelela ezingeni labo ngomuso.”
AmaZulu asendaweni yesishiyagalolunye kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-16 emidlalweni engu-13.