AKALIPHONSILE ithawula ngokubuya kwesitobha, u-Abbubaker Mobara emdlalweni olandelayo umqeqeshi waMaZulu FC, uPablo Franco “Cijimpi” Martin, yize lo mdlali esohlwini lwabadlali abangavumelekile ukudlala kuleli sonto.
UMobara wathola ikhadi elibomvu ngesikhathi Usuthu lunqotshwa yi-Orlando Pirates ngo 1-0 koweDStv Premiership ngeledlule.
Unompempe uCedric Muvhali wamsola ngokukheqa umdlali wePirates, uPatrick Maswanganyi esebheke epalini.
Emva kwalo mdlalo uFranco Martin wazichitha izinsolo zokuthi kungenzeka ukuthi uMobara wazidonsela amanzi ngomsele ngokubhekisa amazwi alumelayo kunompempe.
Lokhu kwakungenxa yokuthi ukumaka kwakhe uMaswanganyi akubukeka kuyingozi ngale ndlela yokuthi kwakufanelwe yikhadi elibomvu.
Uthe sebeyithumele incwadi kwiPremier Soccer League benxusa ukuba isiguqule lesi sinqumo, ukuze lo mdlali abeseqenjini elizobhekana neChippa United eMoses Mabhid Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
“UMobara umisiwe kodwa sithumele umbiko kwiPSL ngoba sikholwa wukuthi kwakungafanele athole ikhadi elibomvu.
“Akadlalanga ngisho nakabi. Ngibona kuyinhlekisa ukuthi umuntu ajeziswe ngenxa yephutha lomunye umuntu. Abuhko ubulungiswa lapho.
“Incwadi isikwi-PSL, sesilinde impendulo ngoba sibheke ukuthi uMobara abe khona kulo mdlalo neminye ezayo.
”Akulungile ukulahlekelwa wumdlali omqoka kangaka imidlalo emithathu ngento angayenzanga. Lokho kungalona ibhola lakuleli neligi,” kusho uMartin.
AmaZulu asendaweni ka-13 kwi-log ngamaphuzu angu-28 emidlalweni engu-24. Lo mqeqeshi ubona kuyindawo engalifanele iqembu lakhe.
Asele ngamaphuzu amane kwiChippa, ebanga namaqembu afuna ukuthola indawo engxenyeni ephezulu kwi-log.
UMartin uthe bazimisele ukulwela ukuqeda kwiTop 8 kodwa ulindele umdlalo onzima njengoba iChilli Boyz ibaba kakhulu kule zinsuku.
Leli qembu eliphekwa nguKwanele Kopo noThabo September ngokubambisana selinqobe imidlalo emine ilandelana kwiligi. Liphinde libe ngelinye lamane asasembangweni wesicoco seNedbank Cup.
Lo mqeqeshi woSuthu uthi iChippa ihamba phambili njengamanje uma kukhulunywa ngemiphumela, ukuvala emuva nokushaya amagoli.
Uqhubeka athi banqobe imidlalo yakamuva yeligi nakwiNedbank Cup.
Uthe iChippa isiyiqembu eliyishintshile indlela ebelidlala ngayo ekuqaleni kwesizini njengoba seliqonda ngqo phambili.
Ucabanga ukuthi nabadlali elibasayinisile benze omkhulu umehluko njengoba ebonakala u-Eva Nga eqhulula amagoli.
“Kuzoba nzima kodwa kufanele siqonde ukuthi sisazobhekana nezinselelo eziningi. Sisazodlala namaqembu asezingeni eliphezulu emidlalweni enzima.
“Kumele siqinisekise ukuthi sihlezi siphapheme, sidlale ibhola elihle bese sithola nemiphumela emihle.
“Sihlose ukuza namaqhinga amahle nokuqhubeka nezinto ezinhle esizenzile emidlalweni edlule, silungise lapho kufanele silungise khona.
“Silwela ukuqeda endaweni engcono kwi-log, lo mdlalo siwuthatha njengowamanqamu okufanele nakanjani siwunqobe,” kuphetha uMartin.
Adlala ngokulingana ngo1-1 koweligi lamaqembu eNelson Mandela Bay Stadium ngo-Okthoba nyakenye.