AKAKALIPHONSI ithawula ngemidlalo emibili yamaqoqo esele umqeqeshi weqembu lesizwe lebhola labesifazane lakuleli, uDesiree Ellis, yize likhale ngaphansi kowokuvula weFifa Women's World Cup, lidliwa yiSweden ngo 2-1.
IBanyana ihlulekile wukucosha amaphuzu okokuqala kulo mqhudelwano ngesikhathi ijikelwa yiBlagult emdlalweni wayo wokuqala kuGroup G izolo.
Ngemuva kokusebenza kanzima emuva esiwombeni sokuqala ivimba iSweden ukuthi ingalishayi igoli, iBanyana imangaze iningi labantu abebethamele lo mdlalo eWellington Regional Stadium, eNew Zealand, izibeka phambili ngegoli likaHildah Magaia ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili.
Nokho iSweden ibuyile ngegoli likaFridolina Rolfo maphakathi nesiwombe, ngaphambi kokuthi u-Amanda Ilestedt ayibeke phambili sekusele amanenjana umdlalo uphele.
U-Ellis uthe bebazi ukuthi iSweden izodlala kanjani futhi bebenalo iqhinga lokuyijezisa kodwa bazigwaza ngowabo ngokumosha amathuba nokwenza amaphutha aholele ekutheni bazithole sebelicosha enethini kabili ibhola.
"Besiwuhlelele umdlalo futhi sizilandele kahle izinhlelo. Sivale kahle emuva, besazi ukuthi bazoba yinkinga emoyeni kodwa silwile," kusho u-Ellis ethimbeni leSafa ngemuva komdlalo.
"Sibe nawo amathuba okuyisa ibhola phambili ngokushesha kodwa sangathatha izinqumo ezifanele eduze kwebhokisi labo. Kwesinye isikhathi umdlali ubegijima yedwa noma akhahlele esikhundleni sokuphasela uzakwabo.
"Kusiphathe kabi ukuthi basiphuce iqatha emlonyeni ngasekugcineni kodwa ibhola linjalo. Abadlali baphoxekile ngomphumela kodwa ngicabanga ukuthi singaziqhenya ngendlela esidlale ngayo.
"Asizange sizilungiselele ngendlela ebesifisa ngayo kodwa iqembu likhombise ukuqina futhi laba badlali bakhombise isibindi. Besingawuthola umphumela ongcono kodwa kumele siqhubeke nokuzethemba."
ISweden isiqhwakele kuGroup G ngamaphuzu amathathu, iBanyana yona isemsileni ngeqanda. Zingase zishintshe izinto ngemuva komdlalo wesibili kuGroup G phakathi kwe-Italy ne-Argentina ozodlalwa namuhla ekuseni ngo-8 e-Eden Park e-Auckland.
U-Ellis uyazi ukuthi ezakhe kuzodingeka ziqoqe amaphuzu emidlalweni yazo emibili esele ukuze zidlulele kwi-Last 16.
IBanyana izobhekana ne-Argentina eForsyth Barr Stadium ngoLwesihlanu, ngo-2 ekuseni (ngokwesikhathi sakuleli. Izobe isivala eyamaqoqo ne-Italy ngo-Agasti 2. Ukucosha amaphuzu kule midlalo kungavala nehlazo lango-2019 kweyoMhlaba eyayiseFrance, lapho yabuya igingqa iqanda.
"Ngibona sengathi sinalo ithuba. Indlela iqembu elidlale ngayo isinika ukuzethemba futhi isinika umfutho omkhulu," kuqhuba u-Ellis.
“Ukwazi ukuthi siqophisane neqembu elilele isithathu emhlabeni futhi kuthathe umzamo omkhulu kubona ukuze banqobe kusinika ithemba ngemidlalo emibili ezayo.
"Asiwabukeli phansi amaqembu esisazodlala nawo kodwa siyawazi amakhono ethu. Siyazi ukuthi yini esisebenzelayo futhi siyakwazi okufanele sikwenze. Angicabangi ukuthi sekuphelile ngathi.
"Uma ubheka umdlalo neSweden, besisemdlalweni waze wayophela, akukhona ukuthi sihlulwe ngoba singekho nhlobo emdlalweni. Besingawunqoba, yingakho sisanethemba ngale midlalo emibili elandelayo."
U-Ellis uphinde waveza ukuthi asisibi isimo sikaMagaia, othinteke esihlakaleni nasedolweni ngesikhathi eshaya igoli, futhi lo mgadli kulindeleke ukuthi uzokulungela ukubhekana ne-Argentina.