UKUKHALELWA ngamasongo kaSigonyela kwabadlali bebhola eNingizimu Afrika sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba.
Isematheni eyokugqigqa enkantolo komdlali we-Orlando Pirates, uThembinkosi Lorch nekaThamsanqa Gabuza osedlalela i-TS Galaxy kodwa akuqali ngabo ukuboshwa kwabadlali bePremier Soccer League (PSL).
ULorch, oyintandokazi yabalandeli bePirates, uboshelwe ukushaya intombi yakhe. Lo mdlali ugwetshwe iminyaka eyisihlanu kodwa walengiselwa yona yonke. Ukhokhiswe imali engu R100 000 ngaphezulu. IPirates inqume ukumumisa kuzona zonke izinto ezithinta iqembu kuze kushaye uDisemba 12. Ngesikhathi kusakhulunywa eyesigwebo sikaLorch no-R100 000 azowukhokha, kuvele eyokuthi owayenguzakwabo kwiPirates, uGabuza, usezinikele emaphoyiseni. Ubhekene necala lokuzama ukudlwengula nokucekela phansi impahla yowesifazane obeyintombi yakhe. UGabuza uvele enkantolo kuleli sonto, wanikwa ibheyili ka-R3000. Akukhona okokuqala uGabuza eziqhatha nabakwasidlodlo. Ngo-2017 waboshelwa icala lokushaya owesifazane.
Eminyakeni edlule baningi abadlali bebhola abaphambane nomthetho ngezizathu ezehlukene. Iningi labo liboshelwa udlame olubhekiswe kwabesifazane.Nakuba abanye begcine bephunyukile ezindlawini zetilongo kodwa sekuyohlala emlandweni oyofundwa yizizukulwane ukuboshwa kwabo. Njengoba uhlu lukhula imihla namalanga, kumqoka ukubheka nezinye izihlabani zebhola ezibhekane namacala.
n Ngo-2015, owayedlalela iKaizer Chiefs, uGeorge Lebese, waboshelwa icala lokushaya intombi yakhe kodwa icala lagcina lihoxisiwe.
n Ngo-2018, u-Andile Jali, oseyibamba kwiMoroka Swallows, walala ebaliwe esolwa ngokubeka isandla umkakhe uNonhle Ndala. Ngokwemibiko, uJali wafika emzini wakhe ePitoli ebudlonyile, washaya uNdala waze wasizwa ngumakhelwane. Kwavela ukuthi uJali naye wavula elakhe icala lokushaywa. Akucaci ukuthi laphelela kuphi.
n Ngo-2020, umdlali waseZambia owayedlala kwiPirates, uJustin Shonga washaya umkakhe, lavulwa icala kodwa wagcina engalubhadanga enkantolo. Kuthiwa baningi abesifazane abavulela uShonga icala lokushaya. Umgadli waseZimbabwe, uTendai Ndoro wenza okufanayo ngo-2018 eshaya umkakhe. Kuthiwa emuva kwengxabano, umkakhe wazama ukubaleka kodwa uNdoro wambamba wamklinya. UNdoro kubikwe ukuthi usedla imbuya ngothi ekhaya eZimbabwe.
Nakuba kujwayelekile ukuthi abadlali bePSL baboshelwe ukushaya kodwa bakhona ezibakhalele ngenxa yejubane uma beshayela emgwaqweni. Ngo-2014, unozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeng Khune, waboshwa ngamaphoyisa emuva kokubanjwa eshayela ngejubane lika 173km/h endaweni ka-120km/h emgwaqweni owuthelawayeka uN1. Wayeshayela imoto yeqembu iNissan Duke.
Kwenzeka okufanayo kuPercy Tau ebanjwa ngo-2016 ehamba kuwona lo mgwaqo ngePolo ngaseNyl Plaza. Uhlu lwababoshelwa ukuyidlisa amagalani, lufaka nowayengukaputeni wePirates, uHappy Jele, owabanjwa ngaseSandton ehamba ngesivinini sika-223km/h endaweni ka-120km/h. Owayengunozinti weChiefs nePirates, uBrilliant Khuzwayo waboshwa ngamaphoyisa aseMpumalanga emuva kokubanjwa egijima ngesivinini esiphezulu kuN2. Wakhokhiswa u-R10 000. Uzakwabo kweZimnyama, uBrighton Mhlongo waboshelwa icala elifanayo ngo-2016 ebanjwa ehamba ngo-173km/h ngaphambi kosuku lwakhe lomshado.
Ngisho umgadli obukhali uKatlego Mphela, owayezidlulela kalula kubadlali basemuva uma eseyoshaya amagoli kodwa wahluleka emaphoyiseni ngo-2011 ebanjwa eshayela ebukhile.
Kwabanye abadlali abashaqwe ngabakwasidlodlo kukhona uSteve Lekoelea owabanjwa nemoto okwakuthiwa yebiwe ngo-2015. Nakuba engekho umdlali kulaba ogcine edonsa iminyaka ejele kodwa amagama abo ayohlala ebhalwe ngokugqamile emabhukwini abazifake obishini.