PHEZU kokuba iDurban City isesicongweni se-log yeMotsepe Foundation Championship futhi ilwela ukuwina iligi kodwa unozinti wayo, uDumisani Msibi, uveze ukuthi ngeke bazithele ngabandayo kwiNedbank Cup.
ICity izotholana phezulu neTS Galaxy kowe-Last 16 ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku eChatsworth Stadium, eThekwini.
ICity, engagayelwa mphako kule sizini, izibekisele indawo kwi-Last 16 ngokushaya iLerumo Lions edlala kwiSafa North-West ABC Motsepe League ngo 2-0 kwi-Last 32.
“Yebo, esizibophezele kakhulu kukho kule sizini wukulwela ukunqoba isicoco seligi ngoba siyazi ukuthi ukukhuphukela kwethu esigabeni seBetway Premiership kuzokwenza umehluko ezimpilweni zethu nemindeni yethu.
“Kodwa futhi siyakuqonda ukubaluleka komqhudelwano weNedbank Cup okungumqhudelwano onika namaqembu asezigabeni eziphansi ithuba lokuvelela. Ngakho ngeke sizithambise kwiNedbank ngoba sithi sizongela imidlalo yeligi,” kusho uMsibi ongomunye wabadlali abanamava kuleli qembu.
“Sinabadlali abangakaze badlale esigabeni sePremiership, ngakho ukwenza kahle kweqembu kwiNedbank Cup kungabanika ithuba elihle lokuveza ikhono labo libonwe yizwe. Okubalulekile nje wukuthatha umdlalo ngamunye esiwudlalayo ngaphandle kokuzifakela ingcindezi ngoba imidlalo iyefana noma oweNedbank noma oweligi.
“Siyobhekana neqembu elidlala kwiPremiership, i-Galaxy, kodwa lokho akusethusi ngoba siyazi ukuthi mncane kakhulu umehluko wezinga lamaqembu adlala kwiPremiership nakwiMotsepe Championship. Futhi-ke nathi sinabadlali abaningana abanamava okudlala kwiPremiership. Ngakho-ke asinalo uvalo lokuyobhekana neGalaxy yize siyihlonipha.”
ICity neBaroka FC, ezodlala ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo, e-Orlando Stadium, eSoweto, yiwona kuphela amaqembu eChampionship asasele kwiNedbank Cup.
Ngakolunye uhlangothi, leli qembu eliqeqeshwa nguSimo Dladla yilona naMaZulu FC emaqenjinI aKwaZulu-Natal asele kulo mqhudelano njengoba kungakacaci neMilford FC okwakumele idlale neRoyal AM kwi-Last 32 kodwa umdlalo wabo wangadlalwa ngenxa yezinkinga ezisabhekene ne-AM.