AS Maniema Union (1) 1
Mamelodi Sundowns (0) 2
UPETER Shalulile ungene wenza umehluko ngesikhathi iMamelodi Sundowns iguqisa i-AS Maniema ngo 2-1 emdlalweni wamaqoqo eCaf Champions League ngoMgqibelo ntambama.
IManiema igadle kuqala ngegoli likaJepthe Kitambala ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala eStade des Martyrs de la Pentecôte, eKinshasa.
UShalulile utholele amaBrazilians elokulinganisa ngasekupheleni kwesesibili, waphinde waba nesandla kwelesibili elingene ngesikhathi umkhonto ka-OSee Ndombele ugwaza ekhaya esikhathi esengezwe ngunompempe.
Lo mphumela usize amaSandawana abambelela endaweni yesibili kuGroup B ngamaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni emihlanu, kanti iManiema isasemsileni ngamaphuzu amathathu.
I-AS FAR yaseMorocco iqhwakele kuleli qoqo ngamaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni emine, bese elinye iqembu laseMorocco, iRaja Casablanca, liba sendaweni yesithathhu ngamaphuzu amane.
Lawa maqembu azotholana phezulu eStade d'Honneur, eMeknes, ngoMgqibelo ngo-9 ebusuku.
Aseshabalele amaphupho eManiema okudlulela kweyomkhumulajezi kwazise ngeke isakwazi ukufica iAS Far neSundowns ngisho ingawunqoba umdlalo wayo wokugcina.
IManiema ihambe phambili ngomzuzu ka-38 ngesikhathi uKitambala ethola ibhola ngakwesokunxele, wasebenzisa amandla ukudlula kubadlali ababili beSundowns, ngaphambi kokuzuma uRonwen Williams ngeshodi eliwumgundatshani.
Kuthe sekubonakala sengathi leli qembu lizonqoba okokuqala kuleli qoqo amaSandawana abuya ngegoli elibekwe enethini uShalulile ngekhanda ngomzuzu ka-83.
UWilliams uvimbe ibhola ebeliyingozi ebelishaywe u-Lucien Joel eseduze ngomzuzu ka-90. ISundowns iwathathe wonke amaphuzu esikhathini esengezwe ngunompempe ngesikhathi uMarcelo Allende egoba ibhola elibhekise kuShalulile, uNdombele walibeka phakathi ngonyawo.
ISundowns isizobheka ukunqoba umdlalo wayo wokugcina kuleli qoqo ezowudlala ne-AS FAR ekhaya ngoJanuwari 19.