ISharks izosonga unyaka ka-2024 ngomdlalo onzima ekuhambeni kwi-United Rugby Championship njengoba izodudulana neDHL Stormers eDHL Stadium, eKapa, ngoMgqibelo ngo-5 ntambama.
IStormers izobe ibheke ukubuyisa izinduku kwazise iSharks isanda kuyinqoba ngo 21-15 kowe-URC obubanjelwe eThekwini ngoNovemba 30.
Womabili la maqembu ayinqobile imidlalo yawo yakamuva ye-URC. ISharks iguqise iVodacom Bulls ngo 20-17 eHollywoodbets Kings Park ngoMgqibelo odlule, iStormers yahlula i-Emirates Lions ngo 29-10 eKapa.
Nakuba kwamhlaba umxhwele umqeqeshi weSharks, uJohn Plumtree, ukubona ezakhe ziqhubeka nerekhodi elihle lokunqoba ekhaya, ukholwa wukuthi kufanele baphinde balikhuphule izinga uma sebebhekene neStormers.
“Ukududulana kuma-scrum, ukunqaka ibhola kuma-lineout, ukubambisana kuma-breakdown nokuvala emuva yizona zindawo okudingeke siziqinise ngesikhathi sidlala neBulls,” kusho uPlumtree.
“Kwesinye isikhathi sibe nengcindezi ngempela, sabanika inqwaba yamaphenathi, kodwa ngesikhathi sekufanele senze umnyakazo omkhulu ukuze sinqobe umdlalo sikwazile ukukwenza lokho. Siyazi ukuthi iStormers izosiphosela inselelo kuzona zonke lezo zinto, ngakho-ke kufanele siphinde sikhuphule izinga.”
Amanye amaqembu amabili aseNingizimu Afrika, iBulls neLions, ahlabe ikhefu kule mpelasonto.
IBulls isendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-25 emidlalweni eyisikhombisa. ISharks isendaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-23, iLions ikweyesikhombisa ngamaphuzu angu-19, bese iStormers ilala sendaweni ka-13 ngamaphuzu angu-16.
Imidlalo ye-URC kule mpelasonto
NgoLwesihlanu: 9:35pm - Munster v Leinster
NgoMgqibelo: 5pm - Stormers v Sharks, Zebre vs Benetton, Edinburgh vs Glasgow; 9.35pm - Connacht vs Ulster.