IKAIZER Chiefs isibhekene nenye imbangi embangweni wokusayina umdlali weLamontville Golden Arrows, uPule Mmodi, ngokusho kwemenenja yalesi siphekepheke somdlali wasesiswini osephenduke inyama emaqenjini amakhulu eDStv Premiership.
Imenenja kaMmodi, uSolomon Seobe, useveze ukuthi iChiefs ayikaze ikhulume naye ngokufuna ukusayinisa lo mdlali, kodwa AmaZulu yilona kuphela iqembu elisaxoxisene naye.
“IKaizer Chiefs ayikaze ikhulume nathi, futhi besingakahlali phansi ne-Arrows ukukhuluma ngokwelulwa kwenkontileleka kaPule.
“AmaZulu kudala akhombisa ukuthi ayamfuna uPule, ngaphambi kokuba kuvele ukuthi ufunwa yiChiefs.
Bayazi (abaMaZulu) ukuthi inkontileka yakhe iyaphela ngoJuni, ngakho ngoJanuwari bazokwazi ukuxoxisana naye ukuthi asayine inkontileka yesethembiso okukanye baxoxisane ne-Arrows ukumsayinisa ngokusemthethweni,” kusho uSeobe, ecashunwa yiThe South African.
Kuvela lokhu nje sekuphele isikhathi eside iyindaba egudwini eyokufunwa kukaMmodi yiZimpofana, nokubukeka sekuyingwjikhwebu osekuvezwa yimenenja yalo mdlali.
Inkontileka kaMmodi oyisiphekepheke somdlali wasophondweni lwesokunxele nesethenjwa se-Arrows, iphela ngoJuni.
Wayesayine iminyaka emithathu naBafana Bes’thende esuka kuThongathi FC ngesizini ka-2020/2021.