NHLANHLA SITHOLE
UKUNGENA kwaMaZulu FC embangweni wokuhlwitha umdlali obesephenduke inyamazane, emaqenjini amabili amakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika, uRowan Human, kukhomba ngokusobala ukuzimisela ngenqanawe yeqembu kukamengameli walo, uSandile Zungu.
Lo mdlali odabuka eGoli, ubesemabhukwini eMaritzburg United, futhi ubezingelwa okwenyamazane.Kunemibiko ethi emaqenjini abemfuna kubalwa iKaizer Chiefs, obekuthiwa ibihamba phambili kunezimbangi zayo ezindala i-Orlando Pirates, yona ebimfuna nozakwabo uKarim Kimvuid. Kuthiwa ugcine esayine naMaZulu ngoLwesibili.
Ukusayina kukaRowan, eqenjini kuqinisekiswe ngomunye umdlali othe usethelekile kuleli qembu futhi usaqalile ukuzilolonga nalo.
“Ukhona uHuman usefikile. Uyazilolonga kanye nabanye abadlali futhi kuyacaca ukuthi usesayinile.”
Kayiphumelelanga imizamo yokuthola umengameli weqembu uZungu, akawuphendulanga umyalezo womqhafazo abewuthunyelwe yiSolezwe Ngempelasonto, kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Kanti ngokunjalo noBrilliant Mkhathini, obhekene nomkhakha wezindaba akafunanga ukuqinisekisa imibiko kodwa wathi abadlali abasha bazokwethulwa yiqembu ngokusemthethweni.
UHuman uzingelwa nje, emqhudelwaneni weCosafa Cup obudlalelwa eThekwini, emasontweni amabili adlule, ungomunye wabadlali abebethwelwe ngeqoma yiBafana Bafana, egcine iphuma kweyesithathu.
Eminye imibiko ithe umengameli woSuthu akazange abhale, ecisha ngokuthi yinoni elingakanani azolubeka ogqokweni okwenze lomdlali akangalokhu ebamba eyeka, wasayina, avalwa kanjalo amabhuku.
Akungatshazwa ukuthi ukufika kwalo mdlali kuMaZulu, kuzowaqinisa kakhulu enkabeni yenkundla kanti nokuphakelekwa kwabagadli phambili kuzofinyelela eqophelweni eliphezulu.