UMQEQESHI osemnkantshubomvu, uRoger de Sa, uvume eyokunganambitheki kwesenzo sikanozinti weKaizer Chiefs, uBrendon Petersen, obonakale engathi uthethisa umqeqeshi wezakhe, uCavin Johnson, emuva komdlalo wabakhaya ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo.
UDe Sa uxwayise ngokuthi angasheshe ahlulelwe lo nozinti ngoba kusengenzeka ukuthi indlela abenza ngayo ekhempini yabo njengoba echazile uJohnson emuva komdlalo.
NgokukaDe Sa okuzoba ukhiye ukuthi zikhona yini izinyathelo zangaphakathi ezizothathwa iChiefs ngalesi sigameko.
IChiefs ishaywe iPirates ngo 3-2 ngoMgqibelo kwiDStv Premiership okuthe emuva kokuphela komdlalo kwavela imifanekiso ebibukeka sengathi uPetersen uthethisa uJohnson ngokuthile.
Emuva komdlalo uJohnson umvikelile lo nozinti wathi akukho okuphambene akwenzile ngoba yena uyakukhuthaza ukuthi abadlali babhodle uma kukhona abangakuthandi noma behluliwe.
Isolezwe lithinte uDe Sa oyiphini lomqeqeshi eqenjini lesizwe laseQatar ngalolu daba wase ecela ukuba kungasheshe kunqunywe ngoPetersen ngoba eqinisweni ibona bobabili (noS’fiso Hlanti) abaziyo ukuthi kwenzekeni ngempela. Kulesi sigameko, uHlanti ubonakala egudluza uPetersen eduze kukaJohnson, ebamba lomqeqeshi ikhanda sakumpholisa.
“Uma kungenzeki lutho ngaphakathi kwiChiefs kuyobe ubeqinisile uJohnson ukuthi indlela yabo yokwenza yize kungazibeki ukuthi akuzange kwehle kahle okubonakale kuthelevishini ngoMgqibelo,” kusho uDe Sa, oseke waqeqesha, i-Orlando Pirates neBidvest Wits kuleli, ngaphambi kokuzithola eseyiphini emaqenjini esizwe okubalwa kuwona, i-Iran ne-Egypt.
“Ngabe kungcono ukuba siyazi ukuthi bekuthiwani phakathi kwalo nozinti nomqeqeshi hhayi ukukhuluma ngesikubonile.
“Kuningi okungenza kubukeke sengathi abantu bayathethisana ikakhulukazi uma bebukwa kwithelevishini ngakho-ke asamukele okushiwo uJohnson okwamanje,” kuqhuba uDe Sa owafaka iPirates kowamanqamu weCaf Champions League ngo-2013.
“Abadlali banawo uphawini wokubeka uvo lwabo kodwa okubonakale kuthelevishini akuzange kwehle kahle yize kungewona umqondo ophusile ukwahlulela uPetersen ngoba asazi. Kusengenzeka ukuthi lo mdlali ubeceba omunye kumbe ebika okungekuhle okwenziwe unondweba.
“Okunye okumqoka okungafanele sikukhohlwe ukuthi kungenzeka ukuthi uJohnson uqinisile ngakho-ke asilinde sibone ukuthi zikhona yini izinyathelo ezizothathelwa lo nozinti ngaphakathi,” kusho uDe Sa.