AKAZIBONI ephenduka umqeqeshi ngokugcwele udokotela ongusihlalo weMilford FC, uXanti Pupuma, ofake iKaizer Chiefs ehlazweni ngokuyiwashisa ijezi ekuseni kwiNedbank Cup ngeqembu elidlala isizini yalo yokuqala kwiMotsepe Foundation Championship.
IChiefs iphinde yengeza emlandweni wayo omubi weminyaka edlule wokukhishwa ngamaqembu adlala ezigabeni ezingaphansi kwesikhulu kwiNedbank.
Yize amaqhinga kaPupuma okunguyena obehola ibhentshi leMilford, efake iqembu lakhe kwi-Last 16 yalo mqhudelwano, uthe akaziboni eba wumqeqeshi webhola ngokugcwele ngoba lokhu akuyona into esezinhlelweni zakhe.
UPupuma owudokotela olaphayo ngokwemfundo (Obstetrics & Gynaecology), ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba abenesithangami nabo kulandela imbedumehlwana yomphumela okusazothatha iminyaka ukuthi usuke ezingqondweni zabalandeli bebhola kuleli.
IMilford inqobe ngo 5-4 emaphenathini emdlalweni ophele kungu 0-0 ngeSonto e-FNB Stadium.
“Akukukaze kube sezinhlelweni zami ukuba ngumqeqeshi kanobhutshuzwayo kodwa phakathi kwabafowethu nedlanzana labadlali beMilford, kukhona abangeqe ngomqondo ngazithola sengihleli esihlalweni somqeqeshi,” kusho uPupuma.
“Empeleni bekumele ngibambe imidlalo emihlanu kade sihlukanise nomqeqeshi kodwa kwaqhubeka njengoba sekuze kwafika lapha.
“Esikwenza manje ukuqinisekisa ukuthi oZane, Nhlanhla noDebe okungabadlali abese bekhulile eqenjini baqale bahlanganise izicucu zabo zokuqeqesha.
“Mina ungangifanisa nothishanhloko omele ukuqinisekisa ukuthi wonke umsebenzi uhamba ngendlela,” kulandisa lo dokotela wase-Eastern Cape kodwa ozinze, eRichards Bay, KwaZulu-Natal.
Uzichaze njengomlandeli wokuqina weMilford futhi angakuthokozela ukuthi abuyele ekubeni ngumlandeli.
“Ngifisa ukuthi ukuzethemba esikuthole ngalo mphumela weNedbank usisize sizibeke endaweni ehloniphekile sivike izembe kwiMotsepe Championship.
“Kuyothi ekupheleni kwesizini bese ngiwabeka phansi amatomu baqhubeke nawo abaqeqeshi ukuze nami ngizobuyela kowami umsebenzi wokuba ngumlandeli wokuqina weMilford,” kuphetha uPupuma.
UPupuma uthathe izintambo ebhentshini nyakenye kulandela ukuxosha u-Asanda Mvalo, oshaywe amahlandla amane emidlalweni yokuqala emine yeligi.
Okucacile ngaye ukuthi uyindoda ezethembayo uma ephakathi kwabezindaba futhi nemibuzo eyiphendula ngendlela yakhe.
Ngesikhathi Isolezwe limthinta ku-Whatsapp izolo ekuseni ngenhloso yokumbongela ngempumelelo yeqembu lakhe kwazise ubengatholakali ocingweni, ubengadlile ngamaningi kepha ubephendula ngopopayi omisa izandla sakubonga kwabekubuzwa.
IMilford isendaweni ka-11 kwi-log yeMotsepe Championship. Izobuyela kwiligi ngoweHungry Lions ngoLwesihlanu ngo-3.30 ntambama, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Amaqembu agcine esaziwa ebholeni lakuleli afana no-TS Galaxy, University of Pretoria (Tuks), FC Cape Town, Baroka FC neRichards Bay FC aseke ayigila iChiefs kulo mqhudelwano njengoba yenzile neMilford.