UNXUSE iqembu lakhe ukuthi liqhubeke nokusebenza kanzima ukuze lithuthuke emidlalweni elisazoyidlala phesheya ukaputeni weqembu lesizwe lombhoxo labesilisa, uSiya Kolisi.
Elakuleli liqhubekile nokuthelwa induku likhala ngaphansi ngo-30-26 kwiFrance, eStade Velodrome, eMarseille, ngoMgqibelo ebusuku.
AmaBhokobhoko aye kulo mdlalo ehlose ukuzithoba amanxeba ngemuva kokushaywa yi-Ireland ngo-19-16 emdlalweni wawo wokuqala wohambo lwaphesheya eDublin.
Bese kubukeka sengathi azoba yiqembu lokuqala elizokwazi ukushaya iFrance kulo nyaka ngesikhathi ehamba phambili ngo-26-22 sekusele imizuzu engaphezudlwana kwengu-10 ukuthi uphele umdlalo.
Nokho iqembu lasekhaya lithole i-try ebekwe nguSipili Faletea ngaphambi kokuthi uThomas Ramos ashayelele isipikili sokugcina.
EzikaJacques Nienaber aziwuqalanga kahle umdlalo njengoba uPieter-Steph du Toit ekhishwe ngekhadi elibomvu ngomzuzu ka-12 ngenxa yokudlalisa kabi owaseFrance, okwenze zisale nabadlali abangu-14 enkundleni.
Noma kunjalo, amaBhokobhoko akwazile ukulwa enkundleni uKolisi waze washaya i-try, kwathi uCheslin Kolbe washaya iphenathi ne-conversion. Ngesikhathi kuyiwa ekhafini iFrance ibihamba phambili ngo-16-10.
IFrance nayo ilahlekelwe ngumdlali ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili, u-Antoine Dupont, ekhishwa ngekhadi elibomvu ngemuva kokudlalisa kabi uKolbe.
AmaBhokobhoko aqhubekile nokulwa athola i-try ngoKurt-Lee Arendse. Njengoba uKolbe ebesekhishiwe ngenxa yokulimala, uFaf de Klerk uyena oshaye i-conversion wayibeka phakathi.
UDe Klerk uphinde washaya iphenathi, enye yakhahlelwa nguDamian Willemse. Nokho akuzange kwanele konke lokho njengoba iFrance ithole amaphuzu ayisishiyagalombili umdlalo usuyophela, anqoba kanjalo.
Kwenzeka lokhu nje, amaBhokobhoko abesesele nabadlali abangu-13 enkundleni kulandelwa ukukhishwa kuka-Deon Fourie ngekhadi eliphuzi sekusele imizuzu engu-10 umdlalo uphele.
“Bekunzima ikakhulukazi kuma-scrum, ama-maul nama-lineout kodwa besazi ukuthi kuzoba njalo, ngicabanga ukuthi silwile sakhombisa namandla ngezikhathi ezifanele,” kusho uKolisi.
“IFrance idlale kahle, yenza kahle njengamanje yingakho isinqobe imidlalo engu-12 ilandelana. Kuzomele siwubheke umdlalo ukuze sibone ukuthi konakelephi nokuthi yikuphi okuhambe kahle.
"Siwakhahlelele kahle amapali kodwa ngicabanga ukuthi besingakhahlela kangcono ngesikhathi somdlalo. Bekumele siliyise eduze ibhola ukuze sikwazi ukulibanga nabo emoyeni, kodwa besilikhahlela kude kakhulu."
Womabili la maqembu abengesabi ukusebenzisa amandla awo kanti esiwombeni sokuqala abadlali baseFrance, u-Uini Atonio, Jonathan Danty noThibaud Flament noBongi Mbonambi wamaBhokobhoko, kudingeke ukuthi bahlolwe ngodokotela ngemuva kokushayeka emakhanda.
AmaBhokobhoko asefudukele eGenoa, lapho ezobhekana ne-Italy, eStadio Luigi Ferraris, ngoMgqibelo ntambama. Ngemuva kwalokho, azosonga uhambo lwaphesheya ngokudlala ne-England eTwickenham.
“Kumele siqhubeke nokuthuthuka ngoba siyafuna ukunqoba, iyona nto ebaluleke kakhulu leyo. Siyafunda njengoba lolu hambo lusaqhubeka, sizoqhubeka nokwenza lokho, akukho okunye esingakwenza.
"Kubalulekile ukuthi silwe enkundleni futhi sizame ukwenza konke okusemandleni ukuthi sinqobe kodwa lokho kumele sikwenze ngendlela efanele, siziphathe kahle ukuze sigweme ukuthola namakhadi,“ kusho uKolisi.