ITHAKWE ngabebhola ibhodi entsha yenhlangano yesibhakela, iBoxing South Africa (BSA), enengcindezi yokubuyisa isithunzi salo mdlalo eNingizimu Afrika.
Ibhodi entsha, eshaya ngabesifazane abane nabesilisa abathathu, imenyezelwe izolo nguNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uZizi Kodwa esithangamini nabezindaba eGoli.
Izoqala umsebenzi wayo ngoDisemba 12 kuze kushaye uDisemba 11, 2026. Amalungu amasha nguSifiso Shongwe ongusihlalo, Princess Mangoma, Nande Mheshe, Sakhiwo Sodo, Luxolo September, Romy Titus noDr Mary-Gene Manthata-Setati.
USeptember, osebenze iminyaka engaphezu kweyishumi kwiPremier Soccer League (PSL), useyi-Head of TV/ Broadcasting (Commercial) enhlanganweni eyengamele ibhola e-Afrika, iConfederation of African Football (CAF). UTitus, owayengumethuli wezemidlalo kwi-SABC, usesebenza kwezokuxhumana kwiSouth African Football Association (Safa).
USodo uyena kuphela osindile ngesikhathi izembe ligenca ebhodini endala ehluleke yancama ukuletha uguquko kwezamankomane eminyakeni emithathu.
“Ezinhlakeni zethu inkinga ebesibhekene nayo eyobuholi nokuphatha. Asikwazi ukuba nohlaka oluthembele emalini kahulumeni unomphela, ikakhulukazi kulezi zikhathi ezinzima esikuzona. Kufanele kube nohlelo lokuzitholela imali. Le bhodi inabantu abanezinto ezehlukene. Bazoletha uzinzo kwiBSA. Bazoletha imibono emisha. Abantu abakule bhodi bayilokhu esikudingayo manje. Asibanike isikhathi. Iminyaka emithathu miningi ekutheni ubuholi bulethe ushintsho. Le bhodi asiyinike ithuba isikhombise ukuthi sishaye eceleni ngokuyiqoka. Yakhiwe ngabantu abasithandayo isibhakela. Asiyahlulele emuva kweminyaka emithathu. Isibhakela sasisendaweni yesithathu kwezemidlalo eziphambili eMzansi. Siphindiseleni,” kusho uKodwa.
Ibhodi endala kade ithakwe ngoLuthando Jack, Sodo, Gilberto Martins, Nsikayezwe Sithole, Azwitamisi Nthangeni, Surej Maharaj noZandile Kabini osule nyakenye, kwangena uKhulile Radu.
UKodwa uyalele usihlalo omusha, uShongwe, ukuthi ayisheshise eyokuqoka isikhulu esiphezulu. Lesi sikhundla kade sibanjwe nguSithole ogcine esenuka umzondo kwabaningi kwezamankomane.
“Angiboni ukuthi lokho kufanele kuthathe isikhathi eside. Ukuba nebamba lesikhulu esiphezulu akuyona into enhle. Ibhodi entsha kufanele yenze isiqiniseko sokuthi isikhulu esiphezulu siyaqokwa ngokushesha ukuze kuzoba nozinzo,” kusho uKodwa.
Phakathi kwezingqinamba ezihlalele ibhodi entsha wukubheka udaba lukaMandla Ntlanganiso oyi-Director of Operations, omiswe yibhodi endala ngo-Agasti kodwa wangabekwa icala. Lokhu kusukela ephutheni lokuhlanganisa amaphuzu, elenziwe yimenenja yesibhakela yase-Eastern Cape, uPhakamile Jacobs, ewinise umshayisibhakela ongafanele empini kaSharadene Fortuin noMelissa Miller e-East London.