ABADLALI ababengaconsi phansi kubalandeli be-Kaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ngokwehlukana, oBernard Parker noHappy Jele, baphonse esivivaneni ngokukhuza isihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane esihlasele eNingizimu Afrika.
UParker wodumo ngokuqhulula amagoli kwi-Chiefs noJele owayewukaputeni weminyaka kwi-Pirates bebesemcimbini wakwa-Black Label e-KZN owaziwa ngele-#NoExcuse Media Pop Up eThe Bond Shed, ePoint Waterfront, eThekwini.
Njengoba izolo bekuwusuku lokugcina lwezinsuku ezingu-16 zokuqwashisa ngalesi sihlava, abaxhasi bomqhudelwano we-Premier Soccer League (PSL) i-Carling Knockout bebememe lezi zihlabani ukuba zizozwakalisa ilaka lazo ngalo mkhuba.
Minyaka yonke izibalo zihlale zikhombisa ukuthi iNingizimu Afrika iyahluleka ukuqhathulula le mpehlwa yokubulwa kwabesifazane okusuke kuthinta izandla zabesilisa.
“Kwesinye isikhathi akumnandi ukubalwa namadoda aseMzansi ngenxa yalezi zibalo eziphoxayo zokuhlaselwa kwabesifazane,” kusho uParker.
“Ivangeli engingalishumayela kubafowethu elithi asiqale ngokuzithanda thina kuqala ukuze kube lula ukuthanda izinqandamathe zethu.
“Abesifazane bayizimbali zezwe ngakho-ke asibathande ngaleyo ndlela. Mhlawumbe kungabasiza abafowethu ukubuka bonke abesifazane ngamehlo esibuka ngawo omama bethu, ogogo kumbe amadodakazi ethu.
“Singayinqoba le nto kodwa ukhiye ulele ekutheni kusukume thina amadoda ngoba sinamandla. Sekuyisikhathi sokuthi amandla ethu siwasebenzise ngendlela eya phambili,” kusho uParker.
Bobabili laba badlali ungafunga ukuthi baqokwe ngokwaziwa kwazise nangesikhathi besadlala abakaze batholakale besezindabeni ngenxa yokuhluleka ukuziphatha, ingasabalwa eyokubeka abesifazane isandla.
UJele uthe amadoda akawuyeke umkhuba wokufela ngaphakathi.
“Sikhulele emindenini lapho beyenzeka le nto okukhulunywa ngayo kodwa besisaba ngisho ukuyixoxela abangani bethu esikoleni.
“Kungaba olukhulu usizo ukuthi singamadoda sizungezane sivulelane izifuba ngokwenzeka empilweni yethu ngokwahlukana.
“Ngimelwe ukwenza kangcono kunobaba wami ongizalayo kanjalo nendodana yami kufanele yenze kangcono kunami ngakho-ke kusemqoka nokubapheka kusemanje abafana esibazalayo ngokulingana komuntu wesilisa nowesifazane,” kusho uJele.
Kujwayelekile ebholeni laseNingizimu Afrika ukuthi abadlali batholakale ezinkantolo ngezinsolo zokuba nesandla esilula kodwa hhayi oParker noJele.
Abakwa-Black Label bakhiphe inombolo ye-WhatsApp ethi: 0800150150 ngenhloso yokuvulela abesilisa ithuba lokukhuluma uma bezwa sengathi sekuqala ukuba ngaphezulu kwamandla.