Kunokudla okumbalwa okungafudumeza imiphefumulo yezakhamizi zaseNingizimu Afrika njengebhodwe elivuthayo lesitambu esinobhontshisi: lesi sidlo sesintu esithandwayo esiqukethe okuningi kuso esiletha injabulo nesimnandi.
Isitambu (ummbila ogayiwe) esinobhontshisi sinambitheka engababi eyenza agcwale ubumnandi obukhulukazi, futhi wonke umuntu unendlela yakhe yokusinandisa ngokufaka okuthie esitanjini sakhe.
Kule reisphu, izipayisi ezifudumezayo zika-curry powder kanye no-anyanisi, utamatisi namazambane kwenza isitambu nobhontshisi kube mnandi ngenye indlela. Phaka isitambu sakho sinjengoba sinjalo, noma usihlanganise ne-chakalaka kanye nesaladi ka-beetroot ukuze wenze isidlo esanelisayo, esisuswa ezintweni ezimilayo.
Ukudla okuhle kungokunye okuthokozisayo okusihlanganisayo njengezakhamizi zaseNingizimu Afrika: ubugugu bokudla kwesintu kuyinto esiyithokozela ngokuhlanganyela. Thola okunye ngezidlo nezindaba zaseNingizimu Afrika ku-https://bit.ly/3jf2Qkv
Isitambu
Siphakelwa abantu abayi-6.
Izithako
500ml (izinkomishi ezi-2) zesitambu
750ml (izinkomishi ezi-3) zikabhontshisi
2ℓ wamanzi
U-anayanisi o-1, oqotshisisiwe
amazambane ama-3, aqotshwe aba yizikwele
utamatisi omkhulu o-1, osikwe waba yizikwele
45ml (amathispuni ama-3) ze-canola oil
Ama-Knorrox curry vegetable stock cubes ama-3
15ml (amathispuni ama-3) e-Rajah Medium Curry Powder
Indlelakwenza
Hlanganisa isitambu nobhontshisi ndawonye bese ukugezisise Beka ibhodwe elikhulu elinamalitha amanzi amabili bese upheke emlilweni ophansi kuze kuthambe okuphekiwe. Bheka ibhodwe njalo emuva kwemizuzu engama-30 noma lapho nje ukuze ubone ukuthi ingabe isimbu nobhontshisi sidinga amany amanzi na (ungalindi kuze kuvuthwe futhi kuthambe kakhulu.
Uma isitambu nobhontshisi sekuthambe kancane, faka yonke imifino, amafutha, ama-Knorrox cubes kanye no-curry powder. Qhubeka nokupheka imizuzu engama-20 kuya kuma-30, noma uze uthambe kakhulu ubhontshisi.
Phaka ne-chakalaka nesaladi ka-beetroot.
Sazise uma uzame le resiphu yeSitambu ngokukala izinga lamaphuzu nokubuyekeza ku-https://bit.ly/3ka2vyJ