Emkhankasweni omqoka ohambisana nokushintsha izindawo ezisemadolobheni zibenekusasa eliqhakazile, iHeineken® neGreenpop Foundation ithakasile ukumemezela ukwethulwa kwendawo entsha eyonga imvelo yaseSisonke City Farm eThekwini. Le ndawo yokuqala ukuvulwa eThekwini yomkhankaso weHeineken Green Zones (HGZ) nevikela imvelo, yenzelwe indawo evikela imvelo nokufinyeleleka kalula kuyona emiphakathini entulayo yakuzona zonke izindawo eNingizimu Afrika. Lo mkhankaso uyinsika enkulu yomkhankaso weHeineken emhlabeni jikelele “iBrew a Better World”, ogxile ekufukuleni imiphakathi, ukugqugquzela Ezemvelo nokuqinisekisa izinkundla “eziluhlaza ngotshani, hhayi amabhodlela” eNingizimu Afrika yonke.
ISisonke City Farm, eyaqala iwumkhankaso oholwa wumphakathi ngesikhathi sokuvalwa kwezwe ngenxa ye-COVID-19, isisimeme entweni encane eyayiyiyona yabayipulazi elichumayo lasedolobheni. Ngokwesekwa yiHGZ, leli pulazi manje seligabe ngengqalasizinda ethuthukile okubalwa kuyona indawo edayisa izitshalo nezithombo, indawo ebamba amanzi nenkundla evulekile enendawo yokuhlala abantu uma benezigcawu zokucijwa noma imicimbi. Le ndawo eyonga imvelo inezingadi ezinezitshalo eziwumsinsi wokuzimilela ezweni nezihlahla zezithelo, okulekelela umkhankaso wokutholakala kokudla nezindlela ezilungile zokulima emphakathini.
Ukuhlomisa Imiphakathi Yendawo Ngezindlela Zokutshala Ezonga Imvelo
Le ndawo eyonga imvelo yeSisonke City Farm ayigcini nje ngokubayindawo eyonga imvelo kepha futhi yenza ukuziqhayisa komphakathi futhi ifundise bukhoma ngokonga imvelo. Ngendlela evalekile eyenza umanyolo ngokudla okubolile ukwenza umsebenzi wokonga imvelo, le ndawo eyonga imvelo iyisibonelo esihle sezimiso zomnotho ojikelezayo zeHeineken® futhi ihlomulisa ngqo amahhotela nezindawo zokudla kwendawo. Le ndlela eyonga imvelo ihambisana nesibopho senkampani kabhiya sokuvikela imvelo, okuletha intuthuko emiphakathini yaseThekwini.
Ukushintsha Ingilazi Ibewutshani: Imikhankaso YeHeineken® I-STAR Bottle neWaste2Wear
Into emqoka emkhankasweni iHGZ yinjongo ebanzi yeHeineken® yokunciphisa udoti wokusebenzisa amabhodlela kanye ukukhuthaza umnotho ojikelezayo. Kulo nyaka iHeineken® yethule amabhodlela i-650ml STAR, into entsha emqoka ehlose ukuqeda ukusebenza kanye kwamabhodlela nokunciphisa ukusetshenziswa kwawo eNingizimu Afrika yonke. Ngaphezu kwalokhu, iHeineken® ithule umkhankaso iWaste2Wear, oguqula amabhodlela alahliwe aqoqwayo abeyizinto zokuhloba ezikhangayo nezitsha zasendlini — izinto ezinhle kumakhasimende anaka izinto zemvelo. Lezi zinto zifakazela umqondo weHGZ wokuphendula izibi zibeyizinto ezinhle ukuqinisekisa ukuthi izindawo ziluhlaza wutshani, hhayi amabhodlela.
“Le ndawo eyonga imvelo eseSisonke City Farm ifakazela ukuzibophezela kwethu ekwenzeni izinkundla zibeluhlaza wutshani, hhayi amabhodlela,” kusho uNks Bhavna Mistry, iMenenja Enkulu Yezokukhangisa eHeineken®. “Ngokubambisana nabantu bendawo ukuguqula le ndawo, sakha indawo evala indawo yezibi ngobuhle bemvelo, ilethe impilo entsha endaweni ebinganakiwe. Ngemikhankaso eyonga imvelo enjengomkhankaso wokubuyisa amabhodlela eSTAR nemikhiqizo yeWaste2Wear, sizama ukunciphisa ukusetshenziswa kanye kwamabhodlela nokukhombisa ukuthi ukonga imvelo kungayenza kanjani imiphakathi ukuthi ichume. Siyaziqhenya ngokweseka iSisonke City Farm ngokwakha ikusasa eliqhakazile labo bonke abantu.”
Indlela Esekelwe Emphakathini Yokwenza Izindawo Ezisemadolobheni Zibeluhlaza
Indawo evikela imvelo yeSisonke City Farm khombisa ukuzinikela kweHGZ endleleni yokubeka umphakathi phambili. Abantu bendawo babambe iqhaza ekuhlobiseni nasekuyakheni, ukwenza ukuthi abantu bezwe indawo kungeyabo futhi baziqhenye ngayo okuzosimamanisa indawo eminyakeni ezayo. Ngokuqasha abantu bendawo nokubaqeqesha, imikhiqizo eyenziwayo yenza abantu bendawo ukuthi bayisukumele, okuqinisekisa ukuthi indawo ihlala iyigugu eliqhakazile, elinakekelwayo.
“I-Heineken® Green Zone yaseSisonke City Farm ikhombisa ukubaluleka kokubambisana kwemikhakha ehlukene ekutheni kubeneNingizimu Afrika enobulungiswa nevuselelekile,” kusho uChris Nash, iMenenja ye-Urban Greening Project eHGZ. “Ukubungaza amaqhawe endawo, ukweseka nokufukula izinto ezinhle ezikhombisa ukuphokophela ngisho izimo zinzima kanjani kunguBuntu obubonakalayo.”
Umbono Wekusasa Eliqhakazile Lamadolobha
Indawo eyonga imvelo yaseSisonke City Farm iyisibonelo esisha somkhankaso womphakathi wokonga imvelo eThekwini. Le ndawo ayigcini nje ngokwandisa ubuhle bokubukeka kwendawo kepha futhi iyisibonelo esihle sokufundisa ngokonga imvelo nakweminye imiphakathi yaseNingizimu Afrika, okuhambisana nombono ngekusasa elihlanzekile elonga imvelo. Ngokubambisana nemiphakathi yendawo, le nkampani kabhiya iqinisekisa ukuthi izindawo zaseNingizimu Afrika zihlala ziluhlaza wutshani, hhayi amabhodlela.