UMHOLI webandla lakwaShembe ohlangothini lwaseBuhleni, Inkosi uMduduzi "Unyazilwezulu" Shembe, ugonyuluke ngesigameko lapho yena namaNazaretha besinde beshaywa ngumphezulu.
UNyazi lukhulume ngalesi sehlakalo ngesikhathi lwethula intshumayelo yokuvala umhlangano entabeni yaseKhenani, oZwathini ngempelasonto.
Luchaza ngalesi sigameko, uNyazi luthe bebesanda kuqala uhambo oluya eKhenani ngesonto eledlule.
"Sasisuke lilihle izulu lingelibi kodwa selithe ukukhiza kancane, lingelibi ngalolo hlobo. Sahamba indaba yonakala sesingena konkosi eSazisweni, okuyisiteshi sethu sokuqala uma sisuka emzini waseBuhleni. Lashintsha izulu. Lathi ukuthi banibani kancane. Zabekwa izitsha, saphumula."
UNyazi luthe akuphelanga nemizuzu emibili lungene endlini.
"Ngithe ngisendlini, angazi yini eyangitshela ukuba ngiphumele emnyango. Uma ngiphumela emnyango, ngiyalibona izulu liphonsa imibani. Sengithi mina kwinkosazane eseduze kwami 'gijima utshele abefundisi, abathwala izitsha nabashumayeli baphume phansi kwezihlahla baphumele ngaphandle, bashiye izitsha ngoba ziwuNkulunkulu uqobo lwakhe."
UNyazi luthe kwathi uma beqeda ukuphuma lashaya izulu lapho bebehleli khona.
"Siyabonga kubabamkhulu ngoba ayenzekanga ingozi. Kwakuyintando yomuntu. Niyabona le nto kaShembe, anobatshela nabanye ukuthi , akusiyo into yokudlala. Hhayi ukuthi laliqala ukushaya izulu ngaloluya hlobo. Lashaya liphindelela laphaya. Nami ngaze ngathuka ngisendlini. Belunzima lolu hambo lwethu."
UNyazi luthe lutholile ukuthi bekuyizulu ebelithunyelwa ngabantu ebebefuna ukubhubhisa umuzi waseBuhleni.
"Akulula. Akulula impela. Bahlulekile-ke, bebefuna mina. Uyazi umuntu uyisilima kabi ngoba uyathanda ukufaka isandla emlilweni uvutha. Angazi-ke ukuthi (izulu) selisukile ukuzoshaya thina laqondaphi."
UNyazi luthe luyazi ukuthi kukhona umuntu osebenzisana nezitha zalo ozitshelayo ngamathuba okugadla.
"Njengalaphaya akekho owayazi ukuthi sesikonkosi, sesiphumule. Isitha sisebenza ngomunye umuntu okhona eduze kwethu.
Ukushumayela akuwona ushukela, akuwona uswidi..."
UNyazi luthe abanye bayazenzisa bashaya sengathi bayaluthanda kodwa izinhliziyo zabo zikude nalo.
"Sike saluthwala usizi maNazaretha. Ngabonga uma sesifika la. Ngathi siyabonga Bhombela. Konke abebekuzama abantu. Elabantu leliya zulu. Ngelinye ilanga niyoyizwa indaba ngoba indaba ayihlali phansi. Ukuthi lalithunyelwe ngubani kuyozwakala. Leliya zulu walithumela owalithumela kodwa alithintanga muntu."
Luqhuba uNyazi luthe kufanele abantu bafunde ukuhlukanisa. "Siyafana ngenyama kodwa wena uwedwa, mina ngimadoda amahlanu."
UNyazi luthe akuqali ukuhlaselwa kukaShembe ngomphezulu.
Luthe izulu lake lashaya entabeni endala kusewumholi, Ilanga Lamalanga (Inkosi uJohanes Galile Shembe).
"Nyanga thize noma umthakathi wangakhona owayezama ukuzwa amandla kaShembe. Anobheka maNazaretha, uShembe akasiyo into yokudlala. UShembe ucela ingane uyithole. Ucele imoto uyithole. Ucele umsebenzi uwuthole. Akusiyo into yokudlala."
Uthe lo mthakathi wabe eselihlomisa izulu maqede walijikijela entabeni iNhlangakazi, imibani iphambana khona.
"Kuthiwa (ubabamkhulu) waphumela emnyango, wakhumula isigqoko wasiphatha ngesandla. Imibani ejikijelwa yile ndoda, yaphambana kuyena. Wama nje wabuka. Wabe esehosha isambulela wasikhomba lapho (imibani) liqhamuka ngakhona."
UNyazi luthe kwabonakala sekuvutha umuzi wale ndoda kwasha yonke into. Luthe ngakusasa le ndoda yavukela kwiLanga nenkabi yenkomo, iyocela uxolo.
Nomsunguli webandla lakwaShembe, uMqaliwendlela (uMphrofethi Isaiah Shembe) kuthiwa wake wahlaselwa yindoda eyayihlome ngomkhonto kanti uzotshelwa yiZwi ukuthi akangalali ohlangothini ayevamise ukulala ngakululo etendeni.
UNyazi luthe yafika le ndoda ebusuku yafike yagwaza inhlabathi.
"Uma ivuka le ndoda iyobheka, nangu uBhombela ezelula. Yashayeka phansi. UShembe akasiyo into yokudlala maNazaretha,"
Seluphetha uNyazi lukhale ngababuye bazitike ngocansi entabeni eyiNgcwele lwathi bangcolisa umhlangano.
"Kodwa noma esebanjiwe lowo muntu angifuni ashaywe. Ukushaya akulungisi. Kufanele umuntu umyale, umfundise umthetho ngoba uzothi uyamshaya avele ashone," kuphetha uNyazi.