INDODANA yowayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma, uMnuz Duduzane Zuma, yothe iSilo, uMisuzulu kaZwelithini izolo.
UZuma uhambele esigodlweni KwaKhangelamankengane lapho ehlangane khona neSilo.
UZuma, ongusomabhizinisi, ufike esigodlweni nesipho sezinkomo eziyishumi.
Uvaleleke emhlanganweni neSilo isikhathi eside.
Umhlangano wabo wubuhanjelwe nangundunankulu kaZulu, uMntwana Mangosuthu Buthelezi.
Akukuningi akushilo emuva kwalo mhlangano uZuma.
“Uyinkosi yami. Njengendoda yomZulu ngibone kubalulekile ukuthi ngizokotha iSilo,” kushaya uZuma ngamafishane emuva komhlangano.
Ebuzwa ngokuxoxwe kulo mhlangano, uZuma unqabile ukuphumela obala.
Izolo bekungolunye usuku olumatasa eSilweni njengoba izivakashi ezahlukene beziphuma zingena esigodlweni.
Selokhu iSilo sibuyile eSwatini lapho besiyoqoqa khona izimpahla zaso njengoba bese sihlala khona, kusukela kwakhothama iSilo uGoodwill Zwelithini, baningi abantu abahlukene abafikayo esigodlweni.
Iningi labo lisuke lizozwakalisa ukweseka iSilo njengoba sisanda kuqokelwa esikhundlenni esikuso.
Udaba lokuqokwa kweSilo seluhlukanise phakathi indlunkulu njengoba kukhona abangeneme ngokuqokwa kweSilo.
Yize kunemizamo yokuthola isivimbelo senkantolo esivimba ukugcotshwa ngokusemthethweni kweSilo, indlunkulu iyaqhubeka namalungiselo.
Alukaziwa usuku okuzogcotshwa ngalo ngokusemthethweni iSilo njengoba kusalindelwe izimpendulo ezibuya kuhulumeni wesifundazwe nokazwelonke.