Usekhethe ukubuyisela emuva indondo yakhe ayinqoba kumaSebenza Women Awards ngonyaka odlule uNcumisa Ndelu owahlabana emunxeni weWomen in Finance.
UNcumisa ekhasini le miklomelo kuthiwa wanqoba ngenxa yokusungula kwakhe i-1 Family 1 Stockpile kuFacebook okuhloswe ngayo ukufundisa abesifazane ukuthi benze okuningi ngemali abanayo. Kuthiwa isishintshe impilo yabesifazane abaningi futhi isabalale nasemazweni angomakhelwane.
NgoMsombuluko, ubhale isitatimende lapho ethe uyibuyisela emuva indondo.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi umsunguli wemiklomelo uKini Shandu ebe sematheni kuFacebook ngezinsolo zokukhuluma inkulumo ebukela phansi abesifazane.
Uxolisile ngalokhu futhi nemiklomelo yakhipha isitatimende esiziqhelelanisa nenkulumo yakhe. Sithe ngeke abe seqhulwini lemiklomelo yanonyaka.
UNcumisa uthe ukufana nokwethulwa umthwalo kuye ngokubuyisela indondo yakhe emuva. Uthe ubedliwa wunembeza ngoba owesifazane okwakufanele ayithole ngokwemibandela yemiklomelo uThembisa V Luthuli wayehleli eduze kwakhe.
“Ngayamukela ngimanqika indondo ngoba angiziqokanga kodwa ngangikholwa wukuthi ngisho ngobusuku lwemiklomelo kuningi okwakwenzeka okwakubukela phansi abesifazane kunokubahlonipha,” kubhala yena.
Imiklomelo yayiseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini, ngo-Okthoba.