SIMUNCU isimo eNingizimu Afrika emuva kokufa kwabantu abawu-73 ngesikhathi kusha ibhilidi obekuhleliwe kulo ngokungemthetho, eMarshalltown, eGoli.
Phakathi kwabashonile kukhona izingane eziyisikhombisa okubalwa kuzo nengane ebisanezinyanga eziwu-18.
Okwamanje, izicishamlilo namaphoyisa basendaweni yesigameko ukuqinisekisa ukuthi zonke izidumbu ziyakhishwa nokuthi akekho obuyela ngaphakathi ebhilidini kwazise lokhu kungaphazamisa uphenyo lwamaphoyisa.
UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu eGauteng, uMnuz Lebogang Maile, uthe kunezigebengu ezidla amaflethi angenamuntu ngenkani bese zakha imijondolo phakathi kuwo ziqashise abantu.
Uthe kukhona abakwenzayo ukulwa nalezi zigebengu kodwa akulula ngenxa yokuthi kukhona ababahambisa ezinkantolo.
UMnuz Robert Mulaudzi obhekelele uphiko lwezimo eziphuthumayo kuMasipala waseGoli, uthe bawu-73 abantu abashonile kanti abawu-53 baphuthunyiswe ezibhedlela ezihlukene.
Uthe babizelwe kuleli flethi laseMarshalltown ngabo-1.30 ezintatha kanti bakwazile ukuwucisha umlilo kodwa ngebhadi kukhona abashonile.
“Yibhilidi elinezitezi ezinhlanu. Asikayazi imbangela yomlilo. Okwamanje sisematasa nomsebenzi wethu wokuqinisekisa ukuthi akekho umuntu ovalelekile. Leli bhilidi belinemijondolo ngaphakathi, kufana nokuthi bekufika abantu bazakhele imijondolo yabo eflethini elingenalutho. Akekho umuntu ovumelekile ukuthi angene ngaphakathi ngesikhathi sisasebenza,” kusho uMulaudzi.
UMengameli Cyril Ramaphosa usedlulise amazwi enduduzo emindenini yabashonelwe wafisela abasezibhedlela ukuthi basheshe balulame.
Uthe uyethemba ukuthi uphenyo luzokwazi ukuveza okudale umlilo bese lusiza nomphakathi ukuba ugweme izinhlekelele ezinjena ngomuso.