UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkk Nonhlanhla Khoza unxuse abakhahlanyezwa wumlilo emijondolo ekuKennedy Road eClare Estate eThekwini ukuthi bashiye izindlela zokuhamba abezimo eziphuthumayo uma sebakha kabusha imijondolo yabo.
UNkk Khoza ukusho lokhu ngoLwesihlanu ngesikhathi ehambele le ndawo eyonikezela ngosizo lokuqala kabusha impilo kulabo abakhahlamezeka.
Phakathi kwezinto anikezele ngazo kube amavawusha ka-R2000 umndeni ngamunye, imibhede nezingubo zokulala. Ngokusho kwalo mnyango ingu-690 imindeni eyakhahlanyezwa ukusha komlilo kule ndawo emasontweni amabili edlule.
UNkk Khoza uthe ukuqinisekisa kwabahlali ukuthi zikhona izindlela uma bakha kuzolekelela ekutheni abosizo oluphuthumayo basheshe bafinyelele lapho okudaleke khona umonakalo.
Uthe umnyango wakhe ukhathazekile ngokuthi njalo ngonyaka abahlali babhekana nobuhlungu bokulahlekelwa yikho konke emlilweni.
“Siyazi ukuthi imijondolo iyathandwa umlilo ngakho kubalulekile ukuthi amathimba ezinhlekelele nabezimo eziphuthumayo basheshe bafike endaweni yesigameko uma kwenzeka kusha,” kusho uNkk Khoza.
UNkk Khoza uthe kusetshenziswe imali elinganiselwa ku-R4 million ukuthi kusizwe abakhahlanyezwe umlilo ukuthi baqale kabusha impilo yabo, isimo sibuyiselwe kwesijwayelekile.
“Amavawusha esiwanike abakhahlamezekile azoqinisekisa ukuthi bathenga izimpahla zasendlini ezibalulekile njengezitofu, ama-ayina, amaketelo nezinye izinto ezibalulekile njengokudla,” kusho yena.
UNkk Khoza uthe ayikho into ebuhlungu njengokuthi ushelwe yikhaya nakho konke okuphakathi okusebenzele kanzima.
“Angiphathi-ke uma kuze kudlula nomphefumulo,” kusho uNkk Khoza.
Uqhube wathi sebeyithathile imininingwane yabo bonke abashelwe imijondolo yabo ukuqinisekisa ukuthi bayaluthola lonke usizo abaludingayo.
Iphini leMeya yaseThekwini, uNkk Zandile Myeni, lithe bayaxoxa nabakhahlamezekile ukuze babasize ngezimpahla zokwakha.
UMnyango wezaseKhaya noMnyango wezeziMpesheni iSASSA bakule ndawo ukunikezela ngosizo lokubhalisa izitifiketi zokuzalwa zezingane nama-ID, baphinde babhalise kabusha amakhadi ezibonelelo zikahulumeni.
Kule nhlekelele kwasha imijondolo ebalelwa ku-1000, kwasala dengwane abantu abalinganiselwa ku-2000, kwashona nomuntu oyedwa owasha engaphakathi emjondolo wakhe.
Kusolwa ukuthi umlilo waqalwa omunye wabahlali owayekade exabene nomunye.