SELUTHATHE elinye igxathu udaba olusegudwini e-Eskom njengoba i-ANC ifuna obeyisikhulu esiphezulu ukuthi avule icala emaphoyiseni ngenkohlakalo athi yenzeka kule nkampani, kungenjalo izobopha yena.
UMnuz Andre De Ruyter usanda kugeqa amagula esiteshini sezindaba i-eNCA lapho ethe abantu bazixebulela umkhoma e-Eskom.
Kokunye akushilo wukuthi kunemali elinganiselwa kuR1-billion entshontshwa nyanga zonke kule nkampani.
Udalule nezinsolo ezithi kunabasebenzi bale nkampani, izikhulu eziphezulu ku-ANC nongqongqoshe abaziyo ngomshikashika oqhubeka e-Eskom.
Okhulumela i-ANC kuzwelonke, uNkk Mahlengi Bhengu-Mtosiri, uthe bafuna uDe Ryter avule icala emaphoyiseni ukuze kuphenyisiswe.
Uthe bafuna ahlinzeke izinhlaka zomthetho lonke ulwazi analo ukuze kushushiswe labo abathintekayo.
“USection 34 wePrevention and Combating of Corrupt Activities Act, 2004 (Act 12 of 2004) wenza abe necala osemagunyeni uma engazibiki izenzo zobugebengu nenkohlakalo ezenzekayo uma enolwazi ngakho,”
UNkk Bhengu-Motsiri uthe uma ehluleka uDe Reyter ukuhlinzeka izinhlaka zomthetho ulwazi analo, bazovulela yena icala.
Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uxwayise i-ANC ukuthi ingayihlokolozi imamba isemgodini wayo ngoba iyolitheza olumanzi, iwe bhu phansi (i-ANC) mhlazane wavula isifuba uDe Ruyter.
Inhlangano yezepolitiki i-African Transformation Movement (ATM) ithe izobhalela uSomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, ukuze abizele esigcawini uDe Ruyter azophendula ngokwenzeka kule nkampani.
Umfelandawonye wezinyunyana uthe izomvulela icala uDe Ruyter ngokuthula engabiki ngenkohlakalo yase-Eskom.
UDe Ruyter bekumele agcine emsebenzini ngoMashi 31, nonyaka, kodwa umhlangano ophuthumayo webhodi le-Eskom ngeledlule, uthathe isinqumo sokuthi agcine kusasa.