USHAYA amakhala umndeni wabesilisa ababili baseNtambanana, eMpangeni, abadutshulwe babulawa amaphoyisa eMahlabathini, oLundi, okuthiwa bebebuya kolanda ucu entombini ngoLwesithathu.
Kulesi sigameko, Isolezwe lithole ukuthi kubulawe uMnuz Nkosinathi Khwela (25) nomzala wakhe, uMnuz Sandile Zimu (27).
Ngokwesitatimende esithunyelwe amaphoyisa kwabezindaba, abafi bebesolwa ngobunkabi. Amaphoyisa athe bebesendleleni ukuyobulala usomatekisi eMahlabathini.
Uyise kaNkosinathi, uMnuz Qhubekela Khwela, uthe abafi bebesuke ekhaya ekuseni belibangise eNhlungwana, oLundi, ukuyolanda ucu entombini ebisivume uNkosinathi.
“Bahlaselwe ntambama sebebuya khona. Uhlaselwe eshayela ucingo esinye isihlobo acishe alingane naso ngeminyaka nge-video call. Sisitshele ukuthi ubengeve ejabule, esichomela ngokuthi sesisele sodwa emjolweni, yena usezomiselwa iduku ngoba intombi isimnike ucu,” kusho uKhwela.
Uthe amaphoyisa abahlasele besakhuluma nge-video call, abathuka, abayalela ukuthi balale phansi.
“Bathe bangaqeda ukulala phansi, acisha i-video call. Mina ngithole ucingo luvela kuye lo obeshayelwa ucingo nge-video call, engitshela ukuthi asiphuthume kulo mgwaqo siyobheka ukuthi kwenzekani ngoba ugcine behlaselwa amaphoyisa, emva kwalokho akasabatholi ezingcingweni,” kusho uKhwela.
Uthe bathe uma befika endaweni yesigameko, amaphoyisa abese ala ukhasha, engafuni basondele endaweni yesigameko yize bewatshela ukuthi bawumndeni wabagilwa.
Udalule ukuthi bobabili abafi bebenezibhamu ezisemthethweni, wathi kulezi ezithwetshulwe amaphoyisa ezithombeni, esisodwa sazo esikaZimu, kanti esikaNkosinathi, abazi amaphoyisa asishonisephi ngoba lesi esivezwayo akusona esakhe.
“Esesithathu asisazi nokuthi esikabani. Sixakwa ukuthi uma bebeyobulala, bangakwenza kanjani ngezibhamu zabo ezisemthethweni? Futhi sibuza ukuthi sishonephi esikaNkosinathi isibhamu esisemthethweni abesiphethe?”
Ukhale ngeNational Intervention Unit (NIU) enesihluku, wathi uma ifuna umuntu, ayimbophi, ivele idubule.
“Ivele idubule wonke umuntu bese ithi yibo abadubule kuqala,” kusho uKhwela.
Uthe imoto ebebehamba ngayo bekungeyomngani wakhona eNtambanana.
“Akukho esibazela khona. Kumangele wonke umuntu endaweni ukuthi izingane bezenzeni. Sifisa ukuthi ilunge indaba ye-NIU ngoba ayibophi, iyabulala,” usho kanje.
Isihlobo okuyiso esishayelwe nge-video call, esicele ukuba igama laso ligodlwe, sithe sizibonele ngo-see, iphoyisa liphuca uNkosinathi iselula, labathuka, lathi abalale phansi.
“Ngilibuzile ukuthi benzeni njengoba libalalisa phansi nje, labona ukuthi ngisekhona ocingweni, lakitakita iselula, laze laphumelela ukuluvala ucingo. Emva kwalokho angibange ngisabathola. Ngaze ngathumela obaba ukuthi abahambe bayobheka ngoba mina ngihlala kude,” kusho isihlobo.
Isihlobo sithe uNkosinathi ubezisebenza, enemoto ekhokhelwa ngebanga elihambile. Sathi uZimu ubengusomathenda, ethola amathenda okwakha.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe abafi badutshulwe babulawa emva kokudubulana namaphoyisa.
Uthe abelandela umkhondo ngabo ukuthi bayobulala usomatekisi.
“I-VW Polo abebehamba ngayo ibonakele emgwaqweni u-P700, amaphoyisa asebenzise amalambu aluhlaza ne-siren ukubamisa. Umshayeli ume phakathi nomgwaqo. Ngokuphazima kweso, abebesemotweni badubula bebhekise emaphoyiseni, nawo abuyisela ngayo inhlamvu, bafa bobabili,” kusho uNetshiunda.
Uthe kutholwe izibhamu ezintathu nezinhlamvu. Uthe esisodwa sazo sabikwa ukuthi sintshontshiwe eMacekane Reserve, eMtunzini, ngoJanuwari.
Uthe awekho amaphoyisa alimele esigamekweni, wathi izibhamu ezitholwe amaphoyisa zizoyohlolwa ukuthi awekho yini manye amacala ezithinteka kuwo.