KUCHITHEKE uphoko izolo ngesikhathi abazali bezingane ezifunda eCopesville Secondary School, eMgungundlovu, bevala amasango esikole ngenxa yombango wesikweletu samanzi nogesi sikamasipala sika-R3.6 million.
Abazali bakhetha ukubhikisha nje sekuphele izinyanga ezimbili iCopesville ivalelwe amanzi nogesi wuMasipala Umsunduzi. Izolo othisha nabafundi bagcine ngokubuyela emakhaya ngenxa yalo mbhikisho.
Obekulo mbhikisho, uMnuz Mxolisi Nxumalo ongumzali, uthe uma uMnyango ungaqhamuki nesixazululo kulolu daba, bazophoqeleka ukuthi namhlanje bavukele emasangweni esikole benze okufanayo.
Isikole sekuneminyaka sikhungethwe yinkinga yamanzi nogesi. Isolezwe like labika phambilini kunezikhalo ngokungasebenzi kwamathoyilethi ngenxa yokungabi khona kwamanzi obekuphoqa ukuthi isikole siphume ngo-10 ekuseni. Sekuphindile futhi.
Efakazela lokhu, uMnuz Nxumalo uthe: “Vele izingane ayikho into eziyifundayo ngoba zingena ngo-8, ngabo- 10 seziyadedelwa ziya emakhaya ngoba amanzi awekho. Isimo othisha abafundisa ngaphansi kwaso sibi. U-matric yiwona olimala kakhulu, yingakho sinqume ukusukuma ukuze kusizakale izingane nothisha,” usho kanje.
USihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnuz Mthuthuzeli Gasa, uthe kuyiqiniso ukuthi isikole siyawukweleta umasipala, kodwa ngesikhathi bevezelwa isamba bathuke boma.
“Emva kokuthi umasipala uvale amanzi ngo-Agasti, kuvele ukuthi isikole sikweleta u-R3.6 million walezi zidingo. Besigcine ngonyaka odlule ngoJuni ukukhokha. Imvamisa imali ebesiyikhokha u-R20 000 ngenyanga, kodwa umasipala uma ubheka amaphepha, uyinyuse yaba wu-R200 000 ngenyanga okuyinto esishaqisayo ukuthi yenzeka kanjani,” usho kanje.
Uthe uMnyango ubayalele ukuthi yena nothishomkhulu basayine encwadini efungelwe ukuthi isikole sikweleta le mali ukuze ukhokhele umasipala okuyinto abayenqabile. Uthe ukuvuma kwabo kuzobe kusho ukuthi isikole sizohlala iminyaka ewu-15 singasitholi isabelomali esiphelele njengoba uMnyango uzothi usakhokha lesi sikweletu. Uveze ukuthi ngesikhathi kufika aboMnyango wemiSebenzi kaHulumeni, bakuvezile ukuthi kungenzeka ukuthi kunamapayipi avuzayo okumele ambiwe kufakwe amasha.
“Okwenza sibone ukuthi kunokungahambi kahle ngale mali okuthiwa ikweletwa yisikole, kuthe ngoSepthemba sekuvalwe amanzi nogesi sihambela emahhovisi kamasipala, sathola ukuthi isikole sekuthiwa sesikweleta u-R4 million. U-R400 000 ngaphezulu ungene kanjani ekubeni lezi zidingo bese zivele zivaliwe” kubuza uMnuz Gasa.
Kuthintwa okhulumela uMasipala Umsunduzi, uNkk Ntobeko Mkhize, uthe zikhona izikole ebezikweleta umasipala ebezivalelwe lezi zidingo kodwa ngokungenela koMnyango, kwavulwa.
“Umasipala uyasebenzisana noMnyango wezeMfundo. Uma sisekhona isikole esivalelwe lezi zidingo, sicela beze kumasipala uma kukhona izikhalo bazibeke obala ukuze kutholakale isixazululo,” usho kanje.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, unxuse abazali ukuthi babekezele bangaphazamisi uhlelo lokufunda kulesi sikole.
“Sinazo izinhlelo esinazo njengoMnyango, ukuthi njengoba izingane zisheshe ziphume sizokwenzenjani ukulekelela. Njengomnyango sisuke sazi ukuthi uma kube nokuphazamiseka, yikuphi okumele sikwenze ukuze kuhlangatshezwe isikhathi esilahlekile,” usho kanje.
Kusuka lesi siphithiphithi nje, ngeviki elizayo kuzoqala izivivinyo zika-matric zokuphela konyaka.