KUSHAQEKE abantu endaweni yokucima ukoma KwaMashu kushona owesilisa obehamba nabangani bakhe, owe emva kokubindwa yiqatha lenyama, kwaphela ngaye.
Kuthiwa uMnuz Musa Sibiya (43) ubesendaweni yokucima ukoma KwaMashu eyozijabulisa nabangani bakhe. Kuthiwa uSibiya uxakwe yiqatha lenyama elimbinde waze waquleka, ezama ukulikhipha lingaphumi.
Ngesikhathi ebindwa kuthiwa uvaleke ngci umoya, wahlulwa nawukuphefumula. Indlela isimo ebesisibi ngayo, kuthiwa ugcine ephuthunyiswa emtholampilo wendawo iqatha linganyakazi emphinjeni.
"Uphangalale ngesikhathi ephuthunyiswa ePoly Clinic. Udokotela ofike wamxilonga emtholampilo nguye oqinisekise ukuthi uMusa akasekho emhlabeni. Isidumbu sakhe sidluliselwe emakhazeni asePhoenix ngalo lolo suku," kusho umthombo.
Uqhubeka, uthe lesi sigameko sishiye abantu abebesendaweni yokucima ukoma, bedidekile futhi bengakholwa ngokwenzeke kumufi.
Emtholampilo nakhona kube esifanayo, kwashaqeka iziguli ngesikhathi kuvela ukuthi umufi ubebindwe yiqatha njengoba engene khona kukubi.
Intatheli ihambele le thaveni ifice abantu abazifela ngobumnandi bezitika ngenyama yakhona, abanye bedeke utshwala ematafuleni abebehleli kuwo.
Ngesikhathi intatheli ikhuluma nabasebenzi mayelana nesigameko sangesonto eledlule, baphikile ukuthi kushone umuntu obindwe iqatha lenyama.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu- Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo usiqinisekisile isigameko sokushona kowesilisa obindwe yiqatha lenyama.
"Amaphoyisa esiteshini KwaMashu avule idokodo lokufa kowesilisa oneminyaka engu-43. Isigameko sisaphenywa," kubeka uConstable Ngcobo.
Abesebenzi bale ndawo yokucima ukoma bakuphikile ukuthi kukhona umuntu obindwe yiqatha lenyama washona.
UNgoti wezempilo, uDkt Bongani Nxumalo, uthe ikhona indlela ebingenziwa ukuthi kunqandwe ukushona kowesilisa.
"Kuyingozi ukubindwa ngoba kuyawuvala ngci umoya, umuntu agcine engakwazi ukuthola umoya. Abantu basadinga ukufundiseka ukuze baqeqesheke ngokumele bakwenze uma behlangabezana nezimo ezifana nalezi," kusho uDkt Nxumalo.
Eqhuba, uthe umuntu obindiwe angashaywa eqolo noma ezinqeni kodwa uma kungalungi, kumele abhobozwe imbobo ezansi kwegilo bese kufakwa i-straw ukuze akwazi ukuphefumula.