UMA uthando luvutha phakathi kwabantu ababili, kuyenzeka bakhohlwe yizinto ezisemqoka. Lokhu kudala ukuthi bathathe isinqumo esikhulu njengokushada, kepha bengakazani kahle. Kuthi uma umuntu esecabanga eseyedwa, aphaphame sekungasekho ukubuyela emuva.
Okunzima wukuthi iningi livamise ukushada ngokuhlanganisa amafa.Izikweletu, imisebenzi yasendlini, izingxabano zomndeni, ucansi, inkolo, usiko, izingane ngezinye zezinto ezivamise ukususa umsindo kwabashadile bengakazani ngokwanele.
Ungoti kwezokuphathwa kwemali uNkk Lwandle Zungu Ndzwanana, weNkunzi Wealth Group, uthi amadivosi avamise ukudalwa yizinkinga zemali. Lokhu kudalwa wukuthi izidingo zempilo zihambisana nezindleko zemali nokuyinto izithandani ezingayinaki uma kusekuhle othandweni
"Ukungazi kuyamenza umuntu asabe ukubuza ngemali ebudlelwaneni nokuyingozi ngoba nobabili ningena nezifiso ezinkulu kodwa omunye engalazi iphakethe lomunye. Zazi zonke izinto umuntu wakho anazo, izikweletu anazo, nemali engenayo nenizokwazi ukuhlangabezana ngayo ngaphambi kokushada noma ukuhlala nobabili," kweluleka uNkk Zungu Ndzwanana.
Uthi uthando nomshado kuhambisana nezinkontileka ezahlukene okumele izithandani ziqinisekise ukuthi zibhekana nezidingo zemali ngokuvumelana. UNkk Zungu Ndzwanana uthe inkontileka iyasiza ukubuyisa umuntu uma esephuma esandleni, kube khona lapho evimbeka khona angakwazi ukusebenzisa nemali budedengu.
"Uma nithandana nenza inkontileka yobudlelwane ngokusebenza kwemali. akusho ukuthi selwehlile uthando noma niyaxabana kodwa kuyamvikela umuntu othandana naye noma kwenzeka ushona angasali nezikweletu zakho. Nezingane ziyabhekeleleka ngoba zonke izinto ziyavikeleka ngaphansi kwenkontileka ebeninayo nomuntu wakho," kuchaza uNkk Zungu Ndzwanana.
Izinhlobo zezinkontileka ezijwayelekile nezisizayo:
Prenup
-Le nkontileka ibizwa ngePre-Nuptial, iyisivumelwano eningasenza ningakashadi. Konke enivumelana ngakho ngezinto enibe nazo ngaphambi kobudlelwane kanjalo nalezo enizozithola ngokubambisana. Isuke ikubeka ngokucacile ukuthi kuzokwenzekani ngezinto zakho njengokusayina kwakho phansi. Kungenzeka zicazwe uma ufuna lokho noma zivikeleke zigcinwe ngaphansi kwegama lakho.
Estate Planning
-Lapha kuvikeleke konke okwakho ungabala nesipuni sokudla esathengwa yimali yakho. Akugcini lapho kungena nabantwana bakho uma bekhona, uyakwazi nokwenza incwadi eqoka abazosala babe yiso lakho emhlabeni. Izinqumo ngempilo yakho uma kufika lapho kumele kusayinwe kumbe esibhedlela ungasakwazi ukuthatha izinqumo. Kubhekwa nezinto owawungathandi zenziwe emzimbeni wakho usakwazi ukuzikhulumela.
Okumele ukubheke ngaphambi kokushada nomuntu
-Thola ukuthi ngabe unaso yini isifiso sokuthi nibe nabantwana, uma uvele usunabo ngabe uzobamukela noma ufisa uhlukane nabo. Uma ningenazo izingane, buza ngenzalo nokuthi ukulungele yini ukuba ngumzali?
-Izikweletu anazo, imali anayo ebhange, nendlela enizosebenzisa ngayo imali nokuthi umuntu ngamunye ubhekana naziphi izindleko zekhaya.
-Imisebenzi yasekhaya uma ningenaye umsizi wasendlini, mbuze ukuthi yini akwazi ukuyenza nahlele ukulekelela kukho.
-Izinhlelo zemfundo, umsebenzi wakhe, nezinhloso zokuzithuthukisa.
-Bheka indlela yokuxhumana ukuthi iyakugculisa yini futhi umuntu wakho uyakwazi yini ukubonisana nawe uma kukhona okungahambi kahle.
-Ngapha embhedeni uyaneliseka yini ngesikhathi senkonzo yasekamelweni futhi naye uyakuthakasela yini ukuya nawe ocansini.
-Ngabe unguhlobo lomuntu onjani uzoshada naye, nibona ngeso elifanayo futhi ninezifiso ezisondelene yini. Ubheke nomndeni wakhe uwufunde ukuthi uwuhlobo lwabantu ongaphila yini nabo.
-Buza umuntu wakho ngangakwenza uma kuphela umshado ukuze uzokwazi ukuthi ungabhekana nani.