UKUSEBENZA amahora amaningi emsebenzini, engatholi ngisho isikhathi sokuhlala nomndeni wakhe, ebe engayiboni nemali ayisebenzayo, kwagcina kumuma emphinjeni, waqoma ibhizinisi.
Ungene kanjalo kwezamabhizinisi uNksz Nompumelelo Njapha, eqala i-Carethander Mobile Spa, ibhizinisi lokubhucabhuca asebenzise amava anawo ngalo msebenzi ukulisimamisa.
UNksz Njapha waKwaMakhutha, eningizimu yeTheku, uqale leli bhizinisi ngo-Agasti nyakenye, esasebenza kwelinye lamahhotela asenkabeni yeTheku, lapho abenza khona wona lo msebenzi.
“Bekungikhathaza ukuthi ngisebenza amahora amaningi kakhulu kodwa ekugcineni ngihole imali engangigculisi nebingangisizi ukufeza zonke izidingo zasekhaya, ekubeni sisebenza kanzima.
“Yilapho engibone khona ukuthi kumele ngiqale ibhizinisi lami elinje ngoba vele bese nginamava anele alo msebenzi engiwenze unyaka nohhafu ehhotela. Bengazi ukuthi kuzofezeka ngoba amakhasimende ebengivame ukuwabhucabhuca abengawuvali umlomo ngesandla sami,” kulanda uNksz Njapha.
Eqhuba, uthe ukuphatha kahle amakhasimende esasebenza kuthele izithelo njengoba kuthe esezoqala ibhizinisi, wasizwa ngelinye lamakhasimende elanikela ngombhede wokusebenzela, osendaweni yakhe yokusebenzela eseReservoir Hills, eThekwini.
“Ngigcine nginquma ukuwuyeka umsebenzi phakathi nalo nyaka, ngenzela ukugxila ebhizinisini ngokugcwele ngoba ngishaywa wukuthi akusebenzeki kokubili. Manje sengiqashe abantu ababili ukungisiza uma kunomthamo womsebenzi omningi,” usho kanje.
Uthe nakuba umsebenzi uqhubeka kahle kepha usanenkinga yamakhasimende, okungabantu besilisa abangakaqondi ukuthi ukubhucabhuca kwenziwelani, okwenza kube nzima kwesinye isikhathi ukusebenza nabo ngoba banemicabango emibi ngakho.
“Kuyenzeka ngithole ikhasimende lesilisa elingibuza ukuthi uma sengilibhucabhucile lizotholani ngoba licabanga ukuthi lo msebenzi owokuvusa imizwa yocansi kumuntu, kanti akunjalo. Lokho kwenza ngingakhululeki kwesinye isikhathi ukuthatha amakhasimende esilisa, ikakhulu uma umuntu engidinga eyedwa, engahambi nomuntu athandana naye,” kusho yena.
“Abantu abaningi, ikakhulu kwabendlu emnyama abakaqondi ukuthi lo msebenzi ukuthi uyini. Kusadingeka bafundiswe ukuthi ukubhucabhucwa kusiza ukuqeda ukukhathala emzimbeni futhi kwenza igazi ligijime ngendlela efanele kumuntu,” usho kanje.
UNksz Njapha uqala ku-R200 ukubhucabhuca futhi uyazifikela mathupha lapho ikhasimende lakhe likhona, kanti uvame ukuthola amakhasimende amaningi koLa Lucia, eMhlanga naseThekwini.