ABANTU besifazane abangawubukeli phansi umsebenzi wokupheka ngoba becabanga ukuthi yinto elula engeziwa inoma ngubani.
Lokhu kushiwo uNksz Nomusa Khwela (49), odabuka eMbumbulu obhekele ukusebenza kwekhishi elenza isidlo sasekuseni eSibaya Casino, iChef de Partie (supervisor).
Le ntokazi,eneminyaka engu-20 ingumpheki, ithe ngesikhathi itshela abazali bayo ukuthi ifuna ukufundela ukupheka baphoxeka baze bayibuza ukuthi ingaze ithi ifuna ukufundela ukupheka into eyaziwa yiwo wonke umuntu wesifazane ngobani.
"Ngizalwa emndenini wothisha, abazali bangothisha abafowethu nodadewethu bangothisha. Babecabanga ukuthi nami ngizohamba ezinyathelweni zabo kanti ngizophuma eceleni. Ngenze umkhakha owawungadumile ngaleso sikhathi. Baze baqonda sengiqale ukusebenza sengilokhu nginyuka nezigaba sengisebenza emahhotela. Kwayima bebona ukuthi umsebenzi umuntu akwaziyo ukuphila ngawo noma aziqalele ibhizinisi uma ethanda. Ngendlela abantu abebengaqondi ngayo nasemphakathini, ngathi ngiqala ibhizinisi lokupheka nokuqashisa ngezimpahla zokupheka ngakithi, langachuma ngoba babengazi ukuthi umakhelwane angabaqashisela esikhundleni sokubasiza njengengane yendawo," kusho yena ehleka.
Uthe wayefisa ukuba ngunesi esemncane, esekhulile wabona ukuthi akasano isibindi nesineke, wase ekhetha ukwenza iHospitality Management eML Sultan, esibizwa ngeDurban University of Technology (DUT) .
Uthe uqale ngo-2004 ukusebenza eSibaya esebenza emakhishini ehlukene kwaze kwaba uqokelwa ukuthi asebenze ekhishini elenza isidlo sasekuseni.
" Ukusebenza emakhishini ehlukene kukwenza ukuthi ukwazi ukuphekela izinhlanga ezehlukene ngoba iSibaya Casino sinezivakashi ezehlukene. Ukusebenza ekhishini elenza isidlo sasekuseni kunzima ngoba isidlo sasekuseni sicishe sibe into eyodwa yize ukwazi ukuthi ushintshe lapha nalaphaya. Okunye okumele ukubeke emqondweni ukuthi amanye amakhasimende ethu akhokha ngamaphoyinti," kusho yena.
Uqhube wathi phakathi kokudla akwazi ukukwenza kubalwa izidlo ezidliwa ngamaChina nabanye abantu bangaphandle.
"Ukudla kwesintu kwalapha kithi nakho siyakupheka ngoba kumele sanelise wonke amakhasimende ethu ngokulingayo, siphinde sikhiphe ikhono lokupheka ukukhombisa ukuthi ukufundele ukupheka," kusho yena.