IMOTO: ISUZU D-MAX V-CROSS
KWA-ISUZU Motors South Africa badayisa izimoto ezimbili kuphela okuyiveni iD-Max ne-SUV iMuX, uma singawabali amaloli.
Naphezu kwalokho kodwa bahlale bebalwa nezinkampani ezidayisa kakhulu zinyanga zonke kuleli. ID-Max yiyona eheha kakhulu amakhasimende. Empeleni ngisho ezimotweni ezidayisa kakhulu kuzona zonke izinkampani iD-Max ihlale ivela ohlwini nokukhombisa ukuthi ayiyinqeni impi yezimbangi.
Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi abantu bakuleli bawathanda kanjani amaveni. AmaD-Max ahlukene ngezinhlobonhlobo kodwa okuyiyona ewumakhonya emndenini yiV-Cross. Angisho ukuthi yi-AT35 ngamabomu ngoba isuselwe kuyo iV-Cross yase ishintshwa izinto ezithile njenge-suspension namasondo amakhulu.
ID-Max V-Cross le isembangweni namaveni okungabalwa kuwo iToyota Hilux, Ford Ranger, Mitsubishi Triton, Peugeot Landtrek namanye.
ID-Max V-Cross iyabukeka ngaphandle ungeke uze usho ukuthi isineminyaka emine ikhona. Phela iD-Max yesikhombisa okuyiyo esemakethe manje, iqale ukudayisa kwamanye amazwe ngo-2020. ENingizimu Afrika nokho ize yafakwa emagaraji ngo-2022 ngoba babesayivivinya kahle ukwenza isiqiniseko sokuthi izokwazi ukumelana nezimo zalapha.
Ngonyaka odlule eThailand, okungelinye lamazwe iD-Max eyakhiwa kulo, kuvezwe ethuthukisiwe okubhekwe ukuthi iqale ukutholakala kuleli ngonyaka ozayo.
IV-Cross ifika ifakwe cishe konke ongakuthola kwiD-Max. Ngibala amalambu angamaLED, amasondo angu-265/60 R18, roof rails ne-tow bar yokudonsa isisindo esingu-3 500kg. Ngiyakuthanda ukuthi esikhenkeni bafake irabha futhi kunekhava ekhiyekayo yokufihla impahla.
Uhla lwezinto enazo luqhubeka nakwezokuphepha njengoba kunenqwaba okubalwa ukuthi ikusize ukuhlala emzileni. Ngiyakuthanda ukuthi kulula ukucisha lokhu uma uthanda ngebhathini elisesiteringini. Okunye wukuthi iyasho uma izoshayisa iphinde ibhreke, adaptive cruise control, nokunye okuningi.
Ngaphakathi ishaya ngezihlalo zesikhumba ezimnyama. Kusehlobo manje isikhumba siyakubamba ukushisa kodwa uyakwazi ukuvele uyidumise ngokhiye ungaphandle bese ufika kuyo isipholile.
Isihlalo somshayeli usihlela ngogesi. Ivuleke kahle ngaphakathi futhi kunenqwaba yokubeka izinto neziphuzo. Ine-touchscreen infotainment system engu-9 inch oxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto.
ID-Max V-Cross ihamba ngesethenjwa senjini yakwa-Isuzu. Ingu-3.0 litre turbo kadizili enamandla angu-140kW ne-torque engu-450Nm. Ungabona ngathi la mandla mancane uma uwaqhathanisa nezimbangi kodwa anele kuyo. Lo nogwaja, okuyigama eteketiswa ngalo, uyakwazi ukungqasha ungene ejubaneni futhi no-gearbox oyi-6 speed auto ushintsha kahle.
Engikuthanda kuyo wukuthi nomsindo wenjini awumkhulu ngaphakathi futhi intofontofo nasemgwaqweni. Okunye engikuthandayo yisiteringi esingasindi nokwenza kungabi wumzukuzuku. Ikhamera nama-sensor ngaphambili nangemuva nakho kwenza impilo ibe lula.
Unogwaja lo akanqeni ukufingqa imikhono angene nasodakeni ngoba eyi-4x4 nje. Igabade ulishiye ngo-232mm bese kuba nezinsiza ezifana nokuthi udonse ngawo womane amasondo kanjalo ne-diff lock.
Intengo:
Isuzu D-Max 3.0 Ddi V-Cross 4x4 AT – R916 400
Iphuma ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km, i-warranty yeRoadside Assistance yeminyaka emihlanu noma u-120 000km ne-anti-corrosion warranty yeminyaka emihlanu.