PHEZU kokuthi uNovemba ube yinyanga okudayiswe ngayo izimoto ezintsha eziningi kulo nyaka, kusenabasonge izandla abafuna ukubona ukuthi kuzokwenzekani ngemali-mboleko.
Ngokwe-naamsa|The Automotive Business Council, izimoto ezintsha ezidayise ngoNovemba zibe ngu-48 585. Lesi yisibalo esinyuke ngo-3 658 noma u-8.1% uma kuqhathaniswa no-44 927 owadayisa ngoNovemba nyakenye.
Ngo-Okthoba kudayiswe izimoto ezingu-47,942.
Isibalo sezimoto ezidayiswe ngaphandle sehle ngo-12 210 noma u-28.6%. Zibe ngu-30 431 ekubeni zazingu-42 641 ngesikhathi esifanayo nyakenye.
Ngenyanga edlule iBhange loMbuso liphinde layehlisa ngo-25 basis points imali-mboleko. Lokhu kwenze yasuka ku-11.5% yehlela ku-11.25%.
IPhini likaSihlalo weNational Automobile Dealers’ Association (Nada), uThembinkosi Pantsi, uthe nemboni yezimoto ezingamasekeni ikhombise ukuthakaselwa njengoba zandile izicelo zababoleka imali yokuzithenga.
Uthe abanye basafuna ukubona ukuthi bangamelana yini nezindleko noma babheka abangababoleka imali ngemigomo engcono ngale kokuzibophezela ekuthengeni.
"Ukwehliswa kwemali-mboleko muva nje kubuyise ithemba kodwa abathengi abaningi basasonge izandla bafuna ukubona kuqala ukuthi izoshintsha kanjani ngomuso," kusho uPantsi.
ULebo Gaoaketse okhulumela iWesBank uthe uNovemba ube yiyona nyanga okudayiswe engayo kakhulu kusuka ngoMashi nyakenye lapho kwadayiswa izimoto ezingu-50 114.
"Amakhasimende angaphansi kwenkulu ingcindezi nokuvezwa yimininingwane yeWesBank. Imali ebolekelwa ukuthenga izimoto ezintsha ebhange yehle ngo-6% uma kuqhathaniswa nonyaka odlule nokuveza ukukhathazeka ngokumelana nezindleko njengoba intengo yezimoto ezintsha inyukile. Okunye wukuthi naphezu kokuthi ukudayisa kunyukile kunangonyaka odlule kodwa uma kubhekwa izicelo zokuboleka zinciphile."
Izinkampani ezingu-15 ezidayise kakhulu yilezi:
1. Toyota - 12 106
2. Volkswagen Group SA - 6 321
3. Suzuki Auto - 6 004
4. Ford Motor Company - 3 071
5. Hyundai Automotive South Africa - 2 940
6. Isuzu Motors South Africa - 2 061
7. Chery Auto South Africa - 2 006
8. GWM SA - 1 847
9. Kia South Africa - 1 662
10. Renault - 1 505
11. Mahindra - 1 368
12. Nissan - 1 326
13. BMW Group - 1 083
14. Omoda and Jaecoo South Africa - 711
15. Stellantis - 553