ISIKHWAMA esinxephezela abalimala ezingozini zomgwaqo iRoad Accident Fund (RAF) sisanda kukhipha isexwayiso ngokuthi ngeke sisabakhokhela abalimala ngoba beziphosa ezimotweni.
Okhulumela iRAF, uMcIntosh Polela, uthe usudlangile lo mkhuba nokuyinto abangeke bayikhokhele ngisho ngabe umuntu ulimala kangakanani.
Isikhulu seMasterDrive, u-Eugene Herbert, sithe yize iRAF izama ukunxenxa abahamba ngezinyawo ukuthi bayeke ukuyisebenzisa njengendlela yokwenza imali, kuncane okushiwo ngabashayeli.
"Kuthintwa ukuthi ukusebenzisa i-dashcam ukukhombisa ukuthi ingozi ibihleliwe. Lokhu kodwa akusona isisombululo esikahle futhi abashayeli kumele bagweme ingozi ingenzeki nhlobo," kusho uHerbert.
Uthe ngisho ngabe kukhona i-dashcam kodwa izindleko nokuphazamiseka emoyeni okuhambisana nokushayisa umuntu akuyona into ongadlula kuyo kalula.
"I-defensive driving yiyona ndlela ongazisiza ngayo ukuzama ukugwema ukushayisa umuntu ohamba ngezinyawo ngalesi sikhathi samaholidi. Lo mkhuba wakamuva uyisikhumbuzo esibalulekile semiphumela sokungashayeli ngokuqaphela," kuqhuba uHerbert.
Uthe nazi izindlela i-defensive driving engasiza ngazo ukugwema ukushayisa ohamba ngezinyawo:
Ukuqaphela: Hlala uqaphele zonke ezinye izimoto, okungakuphazamisa nabantu abaseduze kwakho. Abashayeli akumele bamangazwe ngabahamba ngezinyawo abavele baphoseke emgwaqweni ngamabomu noma ngenye indlela.
Ukulindela: Ngokujwayelekile izenzo zabanye abashayeli noma abantu ziyacaca ngaphambi kokuthi zenzeke. Lindela izenzo zabanye abasebenzisa umgwaqo bese ushintsha indlela oshayela ngayo. Abahamba ngezinyawo abanezinhloso ezingalungile bengacasha eceleni nokwenza kubaluleke ukuthi ube mehlomane ulindele ukuthatha izinyathelo zokugwema ubungozi.
Ungahambi ngesivinini esiphezulu: Yize laba bantu kuthiwa balinda izimoto ukuthi zihambe kancane, ukuhamba ngesivinini esiphezulu kunciphisa isikhathi ongathatha ngaso izinyathelo uma kwenzeka ongakulindele. Ngaphezu kwalokho, uma umuntu engakaze ayishayele imoto phambilini, kulula ukuhluleka ukubona isivinini semoto ezayo.
Gwema okukuphazamisayo: Hlala njalo ungayithinti iselula yakho noma kwenzenjani. Lapho okungenzeka kube nabantu abahamba ngezinyawo abanezinhloso ezimbi khona, ungenzi lutho okungase kususe amehlo akho emgwaqeni kunalokho cela ohamba nabo ukuthi bakusize.
Isikhala esiphephile phakathi kwakho nemoto oyilandelayo: Isikhala esanele phakathi kwakho nemoto oyilandelayo sikunikeza isikhathi esanele sokubona abahamba ngeizinyawo eceleni komgwaqo nokukwazi ukubagwema uma kwenzeka beziphosa emgwaqeni.
Okunye yilokhu:
Gwema ukushayela ebusuku ngaphandle uma kunesidingo.
Thenga i-dashcam - ayibizi kakhulu futhi ingaba wusizo uma kukhona okwenzekayo, ungase ubhekane nezindleko zomthetho.
Ungalokothi uphuze bese uyashayela - ngisho isiphuzo esisodwa sikubeka engozini kulokhu.
Qinisekisa ukuthi imoto yakho inakekelwe ngendlela. Udinga amalambu, amathayi namabhreki ukuthi asebenze ngendlela kuzona zonke izimo ikakhulukazi kweziphuthumayo.
Yazi ukuthi amabhreki ama-anti-locking braking system (ABS) asebenza kanjani uma kwenzeka kuphoqa ukuthi ubhreke ngokushesha.