KwaToyota South Africa Motors (Tsam) baqinisekise ukuthi bazokwethula iFortuner GR-S yokuqala ngqa ekuqaleni konyaka ozayo.
IFortuner GR-S yelama i-Hilux GR-S yona osekunenhlobo yesithathu kusuka yaqala ukudayisa.
Eyokuqala yethulwa ngo-2019 kungeyekhethelo njengoba kwenziwa angu-600. Kulandeliswe ngeyesibili ngo-2022 nokuthe nonyaka kwatheleka iGR-S III eshaya ngomzimba oqumbile.
KwaToyota abayivezzanga imininingwane ephelele ngayo ngaphandle kokuthi iza namandla engeziwe nesitayela okuhambisana nokukwazi ukuhamba obhuqwini.
“ITsam ikholwa wukuthi entsha izothatha iFortuner iyibeke kwelinye izinga.”
Kulindeleke ukuthi ifike nenjini efanayo neyeHilux GR-S. Empeleni kwamanye amazwe okubalwa kuwo iPhilippines inenjini efana neyeHilux GR-S.
Ingu-2.8 litre kadizili enamandla angu-165kW ne-torque engu-550Nm. U-gearbox uyi-6 speed auto.
Ukwethula kwayo kuzoqondana nokuqala komncintiswano iFortuner Challenge okuzoba ngokwesishiyagalolunye ukhona.
Abawungenele bancintisana ngokuphoselwa izinselelo ezahlukene okuthi onqobile agoduke neFortuner entsha ceke.
Ukungenela oFortuner Challenge kuvalwa ngoJanuwari 24 kanti kwenziwa ku-https://www.fortunerchallenge.co.za