UMCULI we-house, nama-piano waseMlaza, uDe Rose ubonga isinyathelo esenziwa ngabazali sokumkhuthaza ukuthi aphume ekhaya, ayozimela eGoli. Usichaze ngokuthi simsize kakhulu ukuvula intuba angene ngayo emculweni.
Usho njalo exoxa neSolezwe ngohambo lwakhe kwezobucuko, athi uthando lwawo lwaqala ukuziveza esasemabangeni aphezulu esikoleni, lapho ayevame ukubhala izinkondlo, andukuba agxile ngokugcwele kwezomculo, esecula i-Rn’B.
“Nokho ngize ngifika lapha engikhona manje nje, ngisizwe kakhulu wukufudukela eGoli, okwaba wumbono wabazali abami, okwathi sengiphothule u-matric ngo-2022, bangicebisa futhi bangeseka ukuthi ngiyozimela khona, nokuyilapho engihlangane nabantu abangisize ukuzinza emculweni,” kusho uDe Rose.
Eqhuba, uthe eseKwandonga Ziyaduma, uhlangane namaciko okubalwa uCnethemba Gonelo, noSoa Mattrix, wathola ithuba lokusebenza nabo kwi-albhamu ye-Soa Familyethi Isibusiso, eyaba wumndabamlonyeni iphuma ngonyaka odlule.
“Nakuba kubukeka izinto zingasheshi ngendlela engafisa ngayo kodwa ngiyajabula ukuthi kuyakhanya kancane. Kubukeka kukuhle kakhulu engizokuzuza ngomculo wami ngoba ayanda namaciko engisebenza nawo endimeni. Kukhona nasengithintile ecela ukuthi senze umculo ndawonye,” kusho yena.
UDe Rose (23) igama lakhe lokuzalwa nguThandeka Cele. Kulo nyaka iphimbo lakhe lizwakale ezingomeni ezihlukene okubalwa Isililo kaGaba Cannal, nekaFrank Mabeat, ethi Khaya. Uphothule u-matric ngo-2018, eNdukwenhlwe High, eMlaza.
Uthe enye yezinto azifisa nazibheke kakhulu ngonyaka ozayo, wukuthola ithuba lokusebenza noSun-El Musician, nesilomo se-pop uTyla, bese eqhubeka nokuchumisa igama lakhe ngomculo.