KUKHALWA nxazonke ngokudlula emhlabeni kwesishoshovu somzabalazo ebesiyingwazi yomculo i-jazz, uJulian Sebothathe Bahula.
Isolezwe lithole ukuthi uBahula (85) ushone esesibhedlela esizimele eSandton, eGoli ngeSonto emuva kokuguliswa yisifo umdlavuza.
Omunye wabantu abakhihle esikaNandi ngoBahula, wumculi we-jazz, uDon Laka. Le nkakha yodumo lwengoma ethi Still Waters ichaze iBahula njengomuntu ecijwe nguye.
"Ngahlangana naye ngeminyaka yo-1970 ngesikhathi ngizilolonga egaraji likamalume, sinoBra Lucky noBra Abe, udadewabo wayeshade nomalume.
Sebashona bonke. Ngangiseyingane eyayihlala ngaphandle kwegaraji, ngilalele iMalombo Jazz Ensemble ithuthukiswa.
"UDon uthe wabuye wethulwa kabusha kuBahula yintatheli eyayisishoshovu se-ANC, uRapitsi Montsho. UBra Jule wahleka maqede wakhuluma nami ngolimi lwesitsotsi."
Uthe wabuya wahlangana noBahula ngesikhathi uDon ekhangisa nge-albhamu yakhe eyayithi Destiny ngeminyaka yo-1990.
"Ngangixhumana naye futhi ngaze ngamumema benoBaba Maal waseSenegal ukuba bazothamela umcimbi engangethula kuwona i-albhamu yami."
Esephetha uDon, uthe nguBahula owamcebisa ngokuthi uma eyonandisa emazweni aphesheya engasebenzisi abadlali bezinsimbi bakhona kodwa akeze nabaseNingizimu Afrika ukuze umculo wakhe uthakwe nesigqi sakuleli.
UBahula uhambe emhlabeni emuva kwezinsuku ezine ebuyele eNingizimu Afrika, emuva kokuzinza e-United Kingdom kusukela ngo-1976.
Ungomunye wabasunguli beMalombo Jazz Ensemble ngeminyaka yo-1960 futhi wake wahlonishwa ngomklomelo we-Order of Ikhamanga (Gold) ngowayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma ngo-2012 ngenxa yeqhaza lakhe emculweni nasemzabalazweni.
UBahula udume emhlabeni jikelele ngezingoma ezithi Woza Cindi, Hleziphi, Make It Happen nezinye. Wazakhela udumo ngokuhlela umcimbi wokugubha usuku lokuzalwa kuMnuz Nelson Mandela phesheya kwezilwandle ngo-1983.
Yize kungakaziwa ukuthi uBahula uzofihlwa nini nokuthi inkonzo yesikhumbuzo izoba kuphi kodwa umndeni uqinisekise ukuthi uzofihlwa ePretoria.