YIZE uNonkanyiso "Laconco" Conco, eshiye abantu bengayivali imilomo ngekhono lokucula alikhombise ohlelweni, i-UnMasked Singer kodwa uthi akakufuni nalapho kuhambe khona, ikakhulu amapiano.
Ngisho namajaji e-UnMasked Singer, okunguSomizi, Skhumba Hlophe, J Something, noSithelo The DJ, ahluleke ancama ukuhlonza ukuthi ngubani oculayo. Bonke baqagele bathi ngomunye umculi kanti nguLaconco.
Ebuzwa kwi-947 Joburg ukuthi uyazibona yini engena emculweni, uLaconco uthe akusoze kwenzeka.
ULaconco uphawule kanje:"Omunye wophrojusa wohlelo engake ngalwenza wangithumela umyalezo, ethi uma ngingakhipha ingoma yamapiano njengamanje, kuyobe ngilele phezu kwemali."
Uthe angakuthandi ngomculo wamapiano yindlela okugqokwa ngayo.
"Ngibabonile abaculi bamapiano nendlela abagqoka ngayo. Angithandi ukuveza umzimba. Manje sekufanele ngidunuse. Sekufanele ngiqashwe manje,"kuphawula uLaconco.
Usaziwayo uqhube wathi okunye angahambisani nakho ukuba ezindaweni zobumnandi ezinzulwini zobusuku, ngoba usuke esalele.
Wathi useke wezwa naye abantu bethi kufanele abuye kwiReal Housewives of Durban beno-Ayanda Ncwane.
"Nami ngiyafisa. Uma ngingabuyela no-Ayanda. Ngicabanga ukuthi kungaba mnandi. Ima ngikutshele umehluko phakathi kwami namanye ama-housewives. Sekuneminyaka mina no-Ayanda sazana. Siqale ukuzwana sisebancane."
Uthe okunye ukuthi eThekwini, kunolimi olukhulunywa khona. "Ngakho uma sekushuthwa, kuvele kuzenzekele. AbeReal Housewives bazamile ukuphoqa ukuthi sizwane. Ngakho ngizamile ukukhuza ibuya kuSeason 2."
Njengoba uLaconco eke wathandana nomholi weMK, uMnuz Jacob Zuma, ebuzwa ukuthi uzovotela liphi iqembu okhethweni lukazwelonke phakathi kwe-ANC neMK, uvele wangena ezintangeni.