Usihlalo weRichards Bay FC, uSifiso “Jomo” Biyela, uyikhomba kubadlali bangaphandle inkinga ngokujeziswa nokudingiswa yiFifa kwamaqembu aseNingizimu Afrika.
IFifa, okuyinhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, isigadle iphindelela emaqenjini aseNingizimu Afrika alahlwa ngamacala okwehluleka wukukhokhela abadlali uma enqamula izinkontileka zabo.
I-TS Galax yiqembu lakamuva eligwetshwe ukuthi lingasayinisi abadlali lize likhokhele umdlali wase-Ivory Coast, uBernard Yao Kouassi u-R1.8 million emukweleta yona. UKouassi wasayina kwiGalaxy ngoJanuwari nyakenye, wahlukana nayo ngo-Agasti. IGalaxy ilandele amanye amaqembu akuleli ashaywe ngalolu swazi yiFifa okukhona kuwona iRoyal AM ekweleta uSamir Nurkovic waseSerbia u-R12 million noRicardo Nascimento waseBrazil u-R600 000 okwanqanyulwa inkontileka yakhe isisalelwe yizinyanga ezimbili ngo-2023.
Amanye yiBay, Kaizer Chiefs, Chippa United neJDR Stars. IBay ijeziswe ngo-Ephreli ngenxa yokwehluleka ukukhokhela u-Ovella Ochieng waseKenya u-R230 000.
UBiyela oveze ukuthi sebeyikhokhile le mali, uthe abadlali bangaphandle bagijimela kwiFifa, bengafuni ukubhekana neqiniso.
“Kukhona abadlali abangenalo iqiniso kithina njengosihlalo nezikhulu zamaqembu. Angifuni ukubukeka njengomuntu ocwasa ngokobuzwe kodwa asikaze sibhekane nale nkinga kubadlali balapha ekhaya, siyakwazi ukuhlala phansi sixoxe nabo indlela elungile yokuhlukana.
“Kodwa ukufika lapha (eMzansi) wehluleke ukudlala. Emidlalweni engu-20, udlale emibili kuphela bese sihlala nawe phansi sithi ‘baba ayenzeki lento. Asikunike umholo wezinyanga eziyisithupha’. Kwesinye isikhathi bayasayina emuva kwalokho bathumele kwiFifa ngoba abantu abakhulu labo,” kusho uBiyela.
Okuhlala kuvela emacaleni aseqhamuka kwiFifa wukuthi akuvunyelwana ngemali ezotholwa ngumdlali ngokunqanyulwa kwenkontileka yakhe kwazise abanye bafuna enkulu.
Lokhu kwahlala obala ecaleni elaliphakathi kweBloemfontein Celtic nowayengunozinti wayo uPatrick Tignyemb waseCameroon owayefuna u-R3 million ngokunqanyulwa kwenkontileka yakhe isasalelwe yiminyaka emibili. Lo nozinti wasehlale kwiCeltic iminyaka engu-11. Nokho izikhathi eziningi kwenzeka kubadlali abasanda kusayina emaqenjini aseMzansi.
“Ngifuna ukusola abadlali ngalokhu. Kodwa futhi kuyisifundo kithina. Nakuba sibalalela abantu uma besitshela ngomfana oshisayo, kodwa kufanele siqinisekise ukuthi siyambiza sizomhlola ukuze sibone ukuthi angasisiza. Inkinga ilapho, sivele sisayinise umuntu, sithenge ingulube isesakeni. Afike lapha ubone ukuthi akukho lutho lapha kodwa usumsayinisile. Ukuba kuya ngami ngabe ngibasayinisa izinyanga eziyisithupha ngimbuke, ngiphinde ngimsayinise ezinye eziyisithupha kodwa ngeke ivume iligi ngenze kanjalo,” kusho uBiyela.
“Ngiyakholwa wukuthi uma ungenzi kahle, kufanele ube yindoda (ulimele iqiniso). Uma sihlala phansi nawe, sixoxa usho ukuthi uyasiqonda isimo. Kodwa asivele nje sikuxoshe, sikukhombisa izibalo, sikukhombise ukuthi emidlalweni engu-20 udlale emibili futhi omunye awuwuqedanga ngoba wathola ikhadi elibomvu. Ngakho wenzanjani? Emuva kwalokho baqonda ngqo kwiFifa.”