UBONGA abaphathi nabadlali beSekhukhune United ngokumnika ithuba lokuhlanganisa iqembu uBrandon Truter kulandela ukunqoba kwabo iKaizer Chiefs ngo 1-0 ngempelasonto edlule.
Lo mqeqeshi unikwe izintambo ngoNovemba nyakenye ngemuva kokuthi ibhantshi ligcwale umoya kuKaitano Tembo ngenxa yemiphumela engemihle.
Waqala ukuqeqesha esigabeni esiphezulu ngesizini ka-2020/21, ecija iSwallows ayeyikhiphe ehlathini ngesizini ka-2019/2020 ngokudla isicoco seGladAfrica Championship.
Nokho izinto zasheshe zambhedela ngesikhathi leli qembu limumisa ngoSepthemba 2021, wagcina ekhonjwe injela ngoNovemba sekwaziwa lingakadlali ukuthi lizobuya nephuzu elilodwa noma ngaphansi.
Wanikwa izintambo okwesikhashana kuMaZulu ngoMashi nyakenye, wabe esethatha isikhundla ngokuphelele ngaphambi kwesizini ka-2022/2023.
Nakhona kugcine kubhimbile ngo-Okthoba ngenxa yokugqoza kwemiphumela, iqembu selidlala ngokulingana noma lidliwe yinduku.
Nokho ubona izinto zehlukile kulezi zinyangana asezihlale kwiSekhukhune njengoba esenqobe imidlalo emibili, wadlala ngokulingana kanye.
"ENingizimu Afrika thina njengabaqeqeshi asisitholi isikhathi esanele sokuzinza emsebenzini wethu. Ngikhuphule iSwallows ngayibeka esigabeni esiphezulu kodwa ngicabanga ukuthi sashaywa kanye ngabe sengimiswa” usho kanje lo mqeqeshi.
“Ngadlulela kuMaZulu nalapho futhi bekungekho ukubekezela sahlukana ngemuva kwemidlalo embalwa.
“Lapha (kwiSekhukhune) ngenxa yabadlali, ngenxa yokwesekwa ngabaphathi, sisebenzisana kahle, ngibona kungcono kakhulu. Abadlali balapha bayakwamukela abakutshelwayo, phambilini bekumele sibhekane nezinhlobo eziningi zabadlali bakuleli, abanye bazithwele, badinga ukuphathwa ngendlela ethile.
“Uma leyo ngxenye yokuqeqesha ikuqeda amandla kusho ukuthi awukwazi ukugxila kahle kwezinye izinto okumele uzenze njengokulungisa amaqhinga eqembu nezindlela zokuzilolonga.
“Kodwa lapha kukhona ukuqonda, intshisekelo yokufuna ukunqoba kanye nesifiso sokuthuthuka, yilokho kuphela engikucelayo.”
UTruter ufike kwiBabina Noko isanqobe imidlalo emibili kuphela kwengu-12 yeDStv Premiership ebese iyidlalile kusukela ekuqaleni kwesizini.
Emdlalweni wakhe wokuqala ibambane ngo 0-0 naMaZulu, kowesibili yaguqisa iMarumo Gallants ngo 3-2 njengoba igcine ngokudla iChiefs.
Lo mqeqeshi ukholwa ukuthi bebenalo ithuba lokuyinqoba yomithathu le midlalo.
“Kumele ngabe sesinqobe kathathu kulandelana kodwa silahle amaphuzu amabili sibhekene naMaZulu. Wumdlalo ebengifuna ukuwunqoba loyo kodwa salahla amaphuzu ekubeni sekukhishwe umdlali wabo ngekhadi elibomvu.
“Kodwa umsebenzi usaqhubeka. Sibe namasonto ayisithupha okulungiselela umdlalo wethu wokuqala ngenxa yekhefu leNdebe yoMhlaba, yingakho ngithi kusasetshenzwa. Angicabangi ukuthi sesifikile egiyeni lethu eliphezulu, kodwa kuningi esingakuthola kuleli qembu.
“Sinethalente okufanele lithuthukiswe futhi linikezwe isikhathi nesineke. Ngeshwa ebholeni laseNingizimu Afrika kulindeleke ukuthi uwine ngosuku lokuqala.
“Kufanele sigxile kulokhu esinakho. Sifuna ukuziqhathanisa ne-Europe kanti isiko lethu lebhola laseNingizimu Afrika lihlukile.
"E-Europe azeqiwa izigaba zentuthuko kanti e-Afrika zishaywa indiva. Yinto enganakiwe lapha kodwa e-Europe abadlali baphuma ezinkulisa sebevuthiwe besaneminyaka engu-17, 18 19."
ISekhukhune isendaweni ka-11 kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu- 18 emidlalweni engu-15. Kolandelayo weligi izotholana phezulu ne-Stellenbosch FC ekuhambeni ngoMgqibelo ntambama.