UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, ulindele iRoyal AM ukuthi iphonsele iqembu lakhe enye inselelo enzima uma sebedudulana emdlalweni weDStv Premiership eLoftus Versfeld ngo-7:30 kusihlwa.
AmaSandawana anqobe imidlalo engu-15 ilandelana kweyeligi ngaphambi kokuthi lelo rekhodi limiswe wukubambana ngo 1-1 neStellenbosch FC ngesonto eledlule.
Nokho aphinde avuka azithatha aqumba phansi iqembu lase-Egypt, i-Al Ahly, ngo 5-2 emdlalweni weCaf Champions League ngempelasonto.
IThwihli Thwahla esinqobe emibili, yadlala ngokulingana kwemibili kwemine edlule yeligi, izongena kulo mdlalo izethemba kulandela ukukhipha iLamontville Golden Arrows ngo 3-1 kwiLast 16 yeNedbank Cup ngempelasonto.
“Akulula ngoba sidlala imiqhudelwano emithathu, sihamba amabanga amade phakathi kwemidlalo. Kumele sibhekane neqembu leRoyal AM elizimisele kakhulu futhi eliholwa ngumqeqeshi omusha uJohn Maduka,” kusho uMokwena.
“Uma ngingaphonsisi abakaze bahlulwe selokhu ebuyile. Umdlalo uza ngoLwesibili (namuhla) okusho ukuthi sinesikhathi esincane sokuwulungiselela. Kufanele sihlaziye umdlalo esiwudlale ne-Al Ahly, sibonisane nabadlali bese siqinisekisa ukuthi siyilungele i-Royal AM.
"Kuzoba nzima. Kungenzeka ukuthi iningi labantu licabanga ukuthi sizozidlulela kalula kwiRoyal AMm kodwa akunjalo. Lithwele kanzima leli qoqo labadlali esiliholayo. Ngemuva kokubhekana ne-Royal AM sisamelwe olunye uhambo olunzima (olubheke eSudan), ” kuqhuba uMokwena,
Kusasa amaBrazilians azolibangisa eKhartoum, eSudan ukuyoqhubeka nemidlalo yamaqoqo eCaf Champions League. Azobhekana ne-Al Hilal e-Omdurman ngoMgqibelo.
EzikaMokwena zisayinqobe yomine imidlalo eziyidlale neThwihli Thwahla, emithathu yeligi nowodwa wenedbank Cup.
Ngesikhathi la maqembu egcina ukuhlangana koweligi ngo-Okthoba kwanqoba elaseMamelodi ngo 3-0 ngamagoli kaNeo Maema, uCassius Mailula noBradley Ralani.
UMaduka ekhuluma nabezindaba ngemuva kokwehlula i-Arrows, uthe kumqinisa idolo ukubamba umgqigqo omuhle kweqembu lakhe selokhu ebuyile kulona.
Uthe lokhu kwenza abone lesi kuyisikhathi esikahle sokuhlangana neSundowns.
Selokhu kubuye uMaduka kuleli leqembu, alisazi isibhaxu emidlalweni eyisihlanu aseyihlale ebhentshini. Iwine emithathu, yadlala ngokulingana kwemibili. Iyisithupha isiyonke imidlalo iRoyal AM eyidlalile ingahlulwa. Igcine ukushaywa ngoJanuwari 29 idliwa yiKaizer Chiefs koweligi.
"Ngicabanga ukuthi lesi yisikhathi esikahle sokubhekana neSundowns. Bayiqembu elihle. Siyazi ukuthi bayiqembu elinzima ukudlala nalo. Kodwa bayazi ukuthi yini nathi esingayenza enkundleni, abasithathi kancane.
“Siyazi ukuthi nabo bazowulungiselela kahle lo mdlalo, kodwa ngicabanga ukuthi lesi yisikhathi esilungile sokudlala nabo lapho ukuzethemba kwabadlali kuphezulu futhi siyakwazi ukuwina imidlalo. Sesidlale imidlalo eminingi singahlulwa. Lokho kusigqugquzela ngokwanele ukuthi singabhekana neSundowns," kusho uMaduka.
Ukufinyelela esikhathini esengeziwe komdlalo we-AM ne-Arrows kumshiye enganeme uMaduka, okholwa wukuthi abadlali bakhe bangahlaselwa ukukhathala.
“Kufanele sikulungele ukwenza izinguquko emdlalweni neSundowns ngoba kukhona abadlali abambalwa abalimele. Kufanele sibhekisise kahle konke, sizame ukwenza konke ukuze siqinisekise ukuthi bayalulama ngaphambi komdlalo neSundowns,” kuqhuba uMaduka.
Uphethe ngokuthi uma bengalulami, kuzofanele bfake abanye ngoba banabadlali abahle abebengeyona ingxenye yesikimu abangawenza umsebenzi..
ISundowns izihola phambili kwiligi ngamaphuzu awu-56, iRoyal AM ibambe indawo yesikhombisa ngawu--29.
Komunye umdlalo weligi namuhla iCape Town City izokwamukela iMarumo Gallants eCape Town Stadium ngo-7.30 ebusuku.