TS Galaxy (1) 1
Kaizer Chiefs (0) 1
UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, ukuvumile ukuthi iqembu lakhe likude kakhulu kunalokhu afisa ukuba libeyikhona kulandela ukubambana kwalo ne-TS Galaxy emdlalweni weBetway Premiership ngoMsombuluko eMbombela Stadium, eNelspruit.
Inkundla ivulwe uSamukele Kabini ngegoli esiwombeni sokuqala yavalwa, nguRanga Chivaviro ngomzuzu wokugcina.
Amakhosi eze kulo mdlalo esuka kwimiphumela engahambisani nobekulindelwe ngabalandeli bawo ngesikhathi kuqashwa uNabi waseTunisia ekuqaleni kwesizini.
Nesikimu seChiefs esiqale umdlalo kufanele ukuba asizange sibanikeze ithemba abalandeli baleli qembu kwazise sikhombise izimpawu zokugxila ekuvaleni emuva.
“Inkinga yethu ngamagoli kodwa kulo mdlalo nakanjani sizowasebenzisa ngendlela amathuba ngoba sisebenze kakhulu kuleli sonto silungisa,” kuthembisa uNabi kwiSuperSport ngaphambi komdlalo.
Ngemuva komdlalo uthe: "Esiwombeni sokuqala konke kusiphikile. Kwesesibili sizamile kodwa nakhona saqhubeka nokuyeka amathuba. Kube yinhlanhla ukuthi sithole lo mphumela esiwutholile. Kumele sisebenze kanzima siqinise neqembu ngoba izinga lethu ligqagqene kakhulu naleli esilifisayo," kuqhuba yena.
Kulo mdlalo kubonakale uBruce Bvuma okokuqala kule sizini ezintini zaMakhosi kusukela kwafika uNabi.
IGalaxy ikhombise izimpawu zokuba nomfutho umdlalo uqala. Obekusobala wukuthi abadlali beChiefs basenamatata kwazise bebesuka endukwini ka 2-0 wePolokwane City.
Ngaphandle kwamaphutha amathathu ka-Inacio Miguel acishe amqhatha nabalandeli umdlalo usanda kuqala, ayikho iminyakazo etheni ebiqhamuka nezivakashi.
Kube sengathi iyavuka iChiefs maphakathi nesiwombe sokuqala kodwa u-Ashley du Preez wayeka ithuba elilula ngomzuzu ka-29 wahluleka ukulisebenzisa.
Ngesikhathi kubukeka sengathi iChiefs ibuyelwa ukuzethemba iphoxwe yigoli likaKabini alingqofele enethini ngomzuz ka-35. Kuyiwe ngaleli goli ekhefini.
UNabi uqale isiwombe sesibili ngokufaka, oChivaviro, Mfundo Vilakazi noTebogo Potsane, ezindaweni zoWandile Duba, Njabulo Blom noDu Preez.
Kube sengathi inkundla iyaphaphama ngenxa yalezi zinguquko kwazise iChiefs iqalile yangqongqoza ezintini zamaRockets yize lokhu bekuyishiya ivulekile emuva kwesinye isikhathi. Esikhathini sikanondweba, iChiefs igcine ilinganisile ngonyawo lukaChivaviro.