ISILOMO sakudala sabalandeli be-Orlando Pirates, uLebohang “Cheeseboy” Mokoena, siluleka abadlali baKwaZulu Natal ngengozi yokuwela ogibeni lokubuswa wukuthi kufanele badlalele amaqembu aseGoli ukuze bazakhee igama ebholeni laseNingizimu Afrika.
UMokoena ufisa ukuthi abadlali baseKZN basike iphethini ezingwazini zakulesi sifundazwe zeLamontville Golden Arrows uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni noThanduyise “Gonondo” Khuboni, bobabili abebekwiBafana Bafana eyadlala iNdebe yoMhlaba ngo-2010 yize babengekho emabhukwini amaqembu athathwa njengamakhulu.
Omunye umdlali waseKZN owayekulesi sikwati nguSiyabonga “Bhele” Nomvethe owaduma kwiKaizer Chiefs, Orlando Pirates nakwiMoroka Swallows kodwa wayeqale wazakhela udumo kwi-African Wanderers.
Ngokusho kukaMokoena owakhulela kwiPirates wadlulela kwiMamelodi Sundowns nakwiSwallows, ukuziyisa kwabadlali baseKZN emaqenjini aseGoli kunomthelela ekwehleni kwesithunzi sesifundazwe.
UMokoena ukusho lokhu muva nje kade evakashele Isolezwe njengoba engelinye lamanxusa abaxhasi beligi iBetway Premiersp.
“Ukufudukela eGoli kwabadlali abancane baseKZN kunomthelela ekutheni ibhola lakulesi sifundazwe lehlelwe isithunzi ekubeni eminyakeni edlule besifana nemayini yethalente,” kusho uMokoena.
“Yebo, izinto azisafani nakudala kodwa ukuqala ngokuyozama eGoli ungakagqami ngakini kwenza indawo osuka kuyona ingabinawo umlando.
“Ngibona ingozi ngalo mkhuba ngoba abadlali abafana noSangweni noKhuboni bakukhombisile eminyakeni edlule ukuthi kufanele uqale ugqame ekhaya kuqala ngaphambi kokuvula amaphiko.
“Bengazi ukuthi abadlali balandwa e-KZN ngoba sekuzwakele ukuthi bayashisa ngakubo kodwa lokhu akusenzeki. Kungenxa yalokhu nabalandeli begqoza ezinkundleni ngisho noma ngabe kubhekene amaqembu akulesi sifundazwe womabili,” kuqhuba yena.
Kubadlali baseKZN abagqame emaqenjini aseGauteng bekade bengaziwa kangako kulesi sifundazwe kukhona uSiphelele Mkhulise weMamelodi Sundowns, Thalente Mbatha we-Orlando Pirates nabanye.
Ngokwalo mdlali sekulula kakhulu manje nokuthatha iso lomqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ngaphandle kokudlalela iqembu elithathwa njengelikhulu.
“Indlela uBroos abaqoka ngayo abadlali kufanele ibakhuthaze abadlali baseKZN ukuthi kungenye yezindlela eziqondile nokuqala ngokushisa ejenjini langakini.
“Ngalokhu engikushoyo angilwi kepha umbono wami ngento engiyibona ibangela ukuthi ibhola laseKZN lehlelwe isithunzi ekubeni sonke sikhule sazi ukuthi lesi sifundazwe sifana nefemu yabadlali kusukela singakazalwa,” kusho uMokoena.