OWAYENGUMQEQESHI weBlack Leopards, uJoel Masutha, uthi kusekuncane okusabonwe ngabantu kumgadli weNamibia, uBethuel Muzeu, ongene nomnyakazo ngenkathi iNamibia iguqisa iTunisia kowe-Africa Cup of Nations (Afcon), e-Ivory Coast, ngoLwesibili.
INamibia izotholana phezulu neBafana Bafana emdlalweni ka-Group E we-Afcon obhekwe ngabomvu yiningi labathandi bebhola baseMzansi ozodlalelwa e-Amadou Gon Coulibaly, eKorhongo, ngeSonto ngo-10 ebusuku.
UMuzeu ongene ngesiwombe sesibili emdlalweni weNamibia neTunisia, ungene nomkhulu umnyakazo njengoba egcine eba ngumvusi wenyamazane egoba ibhola elinzima elihlangane nekhanda likaDeon Hotto labhajwa ezintanjeni, nokuyilona goli i-The Brave Warriors egcine inqoba ngalo kulo mdlalo wayo wokuvula kuGroup E.
Njengoba kubhekwe ukaputeni uPeter Shalulile noHotto, kodwa ngokusho kukaMasutha kungaba yiphutha yingozi uma enganakwa uMuzeu amthatha njengosazolandela ezinyathelweni zikaShalulie kwiPremier Soccer League (PSL).
UMuzeu (23) ogijima kwiBlack Leopards kwiMotsepe Foundation Championship, nakuba kukuncane kakhulu okwaziwa ngaye njengamanje kodwa kumanje nguyena ozihola phambili ngamagoli kwiMotsepe Championship ngamagoli angu-10 emidlalweni engu-12 asayidlalile kule sizini. Ulandelwa nguPrince Nxumalo weJDR Stars ngayisishiyagalombili.
UMasutha ukhuluma ngoMuzeu kanjena nje, lo mdlali waseNamibia ufikele kuyena ngesizini ka-2022/23 esaqeqesha iBlack Leopards, esuka kwiTura Magic yaseNamibia, nokuyiqembu elalidlalelwa wumkhaya wakhe uShalulile.
“Kwangithatha isikhathi esincane kabi ukumbona uBethuel ukuthi ungumdlali onekhono eliyisimanga. Noma sisincane isikhathi engisisebenze naye kwiLeopards kodwa ngasheshe ngambona ukuthi usazobulala izizwe lo mfana. Ngesizini edlule ubesadinga ukuzinza kahle esitayeleni sebhola seMotsepe Championship. Ngesizini yakhe yokuqala, okuyisizini edlule, ushaye igoli elilodwa kuphela okukhomba kona ukuthi ubesazama ukuzinza. Kodwa manje sekuyacaca ukuthi usezinze ngokwanele, njengoba eseqalile ukukhombisa ukuthi kungani ngangibatshela abanye ukuthi uzonyathela ezinyathelweni zikaShalulile,” kusho uMasutha, ongawuvali umlomo ngoMuzeu.
“Usaya kude uBethuel, kusekuncane lokhu okusabonwe ngabantu (emdlalweni weNamibia neTunisia). Futhi angingabazi nakancane ukuthi iLeopards izolahlekelwa yilo mdlali maduze nje ngoba ngokwezinga lakhe akasafanele ukudlala kwiMotsepe Champioship.”
UMuzeu wathatha amehlo ezinhloli zeLeopards emqhudelwaneni weCosafa Cup owawubanjelwe eThekwini ngo-2022 egijima eqenjini lesizwe laseNamibia elafinyelela kowamanqamu alo mqhudelwano.