IBAMBA lomqeqeshi weKaizer Chiefs, uCavin Johnson, lifuna abadlali balo basike iphethini kuRanga Chivaviro, ongazange agcine ngokubashayela amagoli amqoka kepha abona ukuthi usiphakamisile isandla waziveza ukuthi ukulungele ukwenzela Amakhosi umsebenzi kwemithathu yeDStv Premiership ewasalele kule sizini.
Amakhosi ayeke ithuba lokuqinisa indawo yawo kwi-Top 8 ngesikhathi ecazelana ngamaphuzu ne-TS Galaxy kwiDStv Premiership emdlalweni ophele ngo 2-2 ngoLwesibili ebusuku, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Kulo mdlalo iChiefs ewuqede ingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu, kuka-Edmilson Dove, uChivaviro ushaye amagoli amabili ngokuhlukana kweziwombe.
Lo mgadli ofike kwiChiefs ethwelwe ngeqoma esuka kwiMarumo Gallants, uqale lo mdlalo esikhundleni sika-Ashley du Preez, owehlelwe ifomu.
Ngesikhathi uJohnson ekhuluma nabezindaba emuva komdlalo, uyaleze abadlali bakhe ukuba basike iphethini kulo mgadli obeyiphela endleleni kwiGalaxy umdlalo uqala kwaze kwaba uyaphela.
“Bonke abadlali bami bangithusile ngendlela abadlale kahle ngayo ikakhulukazi ngesikhathi sesishoda,” kusho uJohnson.
“UChivaviro akazange agcine ngokusishayela amagoli amabili amqoka kepha uphakamise isandla waziveza ukuthi ukulungele ukulwela iChiefs kule midlalo emithathu esisalele kule sizini.
“Kunesikhathi lapho ifomu yakhe ike yehla khona kodwa asikaze sikungabaze ukuthi ungomunye wabadlali bethu abamqoka.
“Uma bonke bengasika iphethini kuyena kule midlalo esisalele singayigcina indawo yethu kwi-Top 8 okuyinto ezojabulisa abalandeli.
“Lesi isikhathi sokuthi abadlali basidalele ikhanda singabaqeqeshi ngokuthi bonke bakhombise ukuthi kungathenjelwa kubona,” kuqhuba lo mqeqeshi.
UJohnson uzwakalise injabulo ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo lingasaphelele.
“Kungasisiza kakhulu ukudlala ngendlela esidlale ngayo singasaphele kwesisalele. Okunye okufanele kufakelwe izibuko indlela ehlukile yokukhiphela eshashalazini onondweba ngezinqumo abazithatha emidlalweni yeligi,” kuphetha uJohnson.
Umdlalo olandelayo weChiefs usekuhambeni naMaZulu ngeSonto, ngo-5.30 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Kuzobe sekusala owePolokwane City ngoMeyi 18, ekhaya bese ivala ekuhambeni neCape Town Spurs ngoMeyi 25.