UKUBUMBANA ngaso sonke isikhathi nokuqonda ukuthi akekho omkhulu kuneqembu yikhona okuzoba wukhiye waMaZulu FC wokuzuza konke leli qembu elizifisela khona kule sizini kwiBetway Premiership.
Lawa ngamazwi kanozinti wokuqina woSuthu, uRichard Ofori, awatshele ithimba labezindaba laleli qembu ngesikhathi ekhuluma nalo ngomdlalo weligi abazowudlala neSekhukhune United ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Yize Usuthu luyiqale ngebatha isizini ka-2024/2025 kodwa kusukela izintambo zithathwe nguVusimuzi Vilakazi no-Arthur Zwane, umehluko usobala enkundleni nangaphandle kwayo.
Usuthu luphakathi nendawo kwi-log yePremiership kodwa ukuwina kwiSekhukhune kungalufaka phakathi kwi-Top 8 okuyindawo abalandeli balo abangakuthokozela ukuthi ludlalela kuyona.
Ngokuka-Ofori ofike Osuthwini esuka kwi-Orlando Pirates, ukhiye wokuzuza konke abakufisayo kule sizini usekubumbaneni ngaso sonke isikhathi.
“Akekho okungabazayo ukuthi iSekhukhune ngeke isenzele kubelula njengawo wonke amanye amaqembu kwazise sonke silwela amaphuzu amqoka ngendlela efanayo ngokwahlukana kwethu,” kusho u-Ofori ofike wadla ijezi kuVeli Mothwa.
“Yize kunjalo kodwa sinawo futhi maningi amathuba okunqoba lo mdlalo uma sizohlala kulokhu abaqeqeshi abasicija ngakho njengoba siwulungiselela.
“Iqembu liyakhula kusukela kufike uVilakazi noZwane okuyinto ekhuthazayo. Ubufakazi balokhu wukuthi nezinqumo esizenza enkundleni sekungeziphusile kakhulu.
“Sizokwenza konke okusemandleni ukuthi amaphuzu asale kithina njengoba sizobe sisekhaya. Kusemqoka ukunqoba ekhaya ngoba lokhu kujabulisa abalandeli abebelokhu benathi ngisho izinto zingakahlangani.
“Akukho okuzosisiza ngaphandle kokubumbana kule sizini kusukela kithina (abadlali) kuze kufike kubalandeli. Konke okuhle okwenzeka eqenjini yingoba wonke umuntu uzimisele. Ngasekuqaleni kwesizini besenza amaphutha kodwa sekuyindaba endala leyo. Ukhiye woSuthu wokuzuza lokhu oluzifisela khona ulele ekutheni konke lukwenze njengomndeni onezinhloso ezifanayo,” kusho u-Ofori.
Khonamanjalo: AmaZulu abolekise umgadli uJunior Dion nesitobha uYanga Mjoli kwiMarumo Gallants kuze kuphele isizini.