LIGQEMEKE udume lwengozi olungeqiwa ntwala iqembu lesizwe lase-Egypt kulandela ukuvela kwezindaba zokuthinteka kukakaputeni nesithenjwa, uMohamed Salah, osekunongabazane ngeqhaza lakhe kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eqhubeka kwelase-Ivory Coast.
USalah (31) akazange awuqede umdlalo weqembu lakhe ka-Group B neGhana (ophele ngo 2-2) okwenze abalandeli baleli qembu lesizwe nabeLiverpool FC yase-England baphelelwa ubuthongo kuzosa kube izolo.
Kufanele ukuthi athe ukwehla kancane amaphaphu ngesikhathi i-Egyptian Football Association (EFA) ikhipha isitatimende lapho ibiqinisekisa khona ukuthi akukubi kangako ngokulimala kukaSalah eyongeni kodwa imidlalo yaleli qembu lesizwe emibili elandelayo ngeke ayidlale.
“Ekuhlolweni kwakhe kuvunyelwane neqembu lakhe ukuba abuyele kulona ngenhloso yokumnika usizo olufanele okuzothi uma eseqedile aphinde abuyele eqenjini lesizwe,” ibibhalwe kanje ingxeye yesitatimende sikasoseshini wase-Egypt.
USalah bekulindeleke ukuthi awubuke umdlalo wezakhe neCape Verde ozodlala namuhla (ngoMsombuluko) ngo-10 ebusuku. Emuva kwalokho ubezongena endizeni abhekise amabombo e-England ukuyothola ukwelashwa okuchazwe njengokungcono eLiverpool. I-Egypt, esendaweni yesibili kuGroup, idinga ukuwina ukuze izibekisele indawo kwi-Last 16.
“Kuwumqondo ophusile ngokwami uma kuvunyelwene ngokuthi abuye ngoba lapha (eLiverpool) kukhona odokotela abazi konke ngaye,” kusho uJurgen Klopp, oqeqesha iqembu likaSalah ekhuluma ngeSonto ebusuku.
USalah uzikhulumele naye lapho etshele khona abezindaba abebesesithangamini neqembu lesizwe lase-Egypt ukuthi uyabethemba abadlali abazoqhubeka bayibambe ngesikhathi engekho.
“UMo Salah ungomunye wabadlali abangu-27 abamelwe umsebenzi ofanayo wokuqinisekisa ukuthi i-Egypt ihamba ibanga elide kulo mqhudelwano,” kusho uSalah.
“Ukulimala kwami akusho ukuthi sekuphelile nge-Egypt ngoba kulaba badlali abakhona, bonke banawo ngokwahlukana kwabo amava okusiza iqembu ngemiphumela edingekayo.
“Isifiso sami wukuthi i-Egypt idlulele esigabeni esilandelayo bese kuma ima singakhuluma ngokulimala kwami nokuthi ngizolashelwa kuphi,” kuphetha uSalah.